UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal, uMnuz Ravi Pillay, uzwakalise ukukhathazeka ngokudayiswa kokudla osekubolile kwezinye izitolo KwaZulu-Natal.
UPillay uthole inyama engaphezu kuka-100 kilograms ebisibolile nokunye ukudla kwenye isuphamakethe enkulu ngesikhathi ehlola amabhizinisi oPhongolo, ngempelasonto.
Le nyama kuvele ukuthi yonakala ngoMashi.
“Kuyangikhathaza ukuthi njalo uma sihlola amabhizinisi akwenzeki singakutholi ukudla okubolile. Lokhu kungikhathaza kakhulu ngoba ukudla osekonakele kuyingozi empilweni yabantu futhi kuhlukumeza amalungelo abo. Sizoqhubeka nokubahlawulisa abaphula umthetho,” kusho uPillay.
NgokweNational Consumer Commission, amabhizinisi aphula imithetho yabathengi ahlawuliswa uR1 million noma u-10% wenzuzo yawo.
Ngesikhathi eso
Phongolo, uPillay kuboshwe abantu abane okutholakale ukuthi bakuleli ngokungemthetho. Kubona kukhona nabaseChina ababili abatholakale behweba emabhizinisi ahlukene kodwa bahluleka wukuveza amaphepha asho ukuthi bakuleli ngokusemthethweni.
UPillay uthe ukuboshwa kwabo akusho ukuthi ulwa nabantu bokufika kodwa kufanele enze isiqiniseko sokuthi wonke umuntu ukuleli lizwe ngokusemthethweni, abuye abavikelwe nokuthi bangaxhashazwa.
Uhlelo lokuhlola amabhizinisi beluholwa nguPillay, ngaboMnyango wezabaSebenzi, owezeMpilo, obhekele abangena kuleli, neKZN Gaming and Betting.
Kubuye kwavalwa amabhizinisi amabili, okuyisuphamakethe nendawo yokucwala izinwele emuva kokuthi kubonakale ukuthi kawayilandeli imithetho yokuphepha.
UPillay ucele abantu ukuthi balandele imithetho yokuphepha kwiCovid-19 ngoba lokhu kuzosiza ekuthibeni ukwanda kwalesi sifo.
Ubuye wanikela ngemishini yokuthunga emabhizinisini ayimifelandawonye amabili.
Uthembise ukuthi ezinyangeni ezithathu ezizayo bazonikelela osomabhizinisi abawu-100 ngaphansi kohlelo lwe-Operation Vula.