Izindaba

Bazohlanziswa abadle izigidi zikamasipala

Intatheli YeSolezwe|Published

Isithombe: Chris Ratcliffe Isithombe: Chris Ratcliffe

KULAHLEKE uR130 million kunyaka wezimali ophelile kuMasipala waseMtubatuba, okuvele embikweni wabaphenyi abazimele abebehlola isimo sezimali kulo masipala.

Imenenja kaMasipala waseMtubatuba uMnuz Siyabonga Ntuli, ithe bawu-21 abantu abathintekayo ekuxhashazweni kwemali eMtubatuba kodwa okwamanje ngeke akhishwe amagama abo ngoba sekuthintwe namaphoyisa.

UNtuli uthe bazophinde babikele umphakathi ngokuqhubekayo ezinyangeni ezintathu ezizayo sebesho nokuthi amaphoyisa atheni.

Uveze ukuthi kulo nyaka umasipala uqale ukusebenza uswele uR46 million wokuthi wenze umsebenzi wawo ngenxa yokuthi yonke imali ilahlekile.

“Kukhona abebesayina kungafanele, befihla ukuthi imali ilahlekile. Bekungalandelwa uhlelo olufanele uma kuqokwa izinkampani ezizokwenza umsebenzi obugcina unikwa abantu abangenawo amava. Isibonelo nje ngohlelo lokuphakela abantu amanzi kulahleke uR23.6 million,” kusho uNtuli.

Uthe kwaqokwa inkampani engafenele kwathi uma isihlulekile ukwenza umsebenzi kwalethwa umphenyi owakhokhelwa uR3.6 million.

“Abantu kwakufanele bathole amanzi kwaze kwaqokwa inkampani eyakhokhelwa uR20 million kodwa abazange bawathole. Kuthe uma sekunjalo kwaqokwa umphenyi owathola uR3.6 million kodwa wawuvala umbiko wakhe engashongo ukuthi kufanele inkampani engabanikanga abantu amanzi ijeziswe kanjani. Kulolu daba kuthinteka abantu abayisishiyagalombili umkhandlu othe kufanele bathathelwe izinyathelo zomthetho ngoba babekokotela namaphepha lapho kusayinwa khona. Ngisho abantu asebehambile kufanele bayikhokhe imali yomkhandlu,” kusho uNtuli.

Uthe abaphenyi baphinde bathola ukuthi isikhungo samalayisensi esakhiwayo esasiqale sizobiza uR5 million ngo-2015 manje sesizodla uR35 million.

Uveze ukuthi kunosonkontileka owaqokwa kodwa ongenawo amava owakhokhelwa uR21 million kodwa kuze kube manje akakaze awenze umsebenzi.

“Kubukeka sengathi kwakuhlonyuliswa abathile. Kunabantu abayisishiyagalolunye abathintekayo ekulahlekeni kwemali. Abasebenzi bakamasipala abathintekayo kulolu daba bazothathelwa izinyathelo kanjalo nezinkampani. Abantu baswele isikhungo sokushaya amalayisensi kanti nezinye izikhungo zincike kulesi saseMtuba esingakaqedwa ukwakhiwa. Uma kuhamba kahle kufanele kube nomnyakazo ofanele ngalesi sikhungo ngonyaka ozayo,” kusho uNtuli.

Uthe kunezinkampani ezingu-12 ezaqashwa kusetshenziswa isigaba 32 yize bekungekho okuphuthumayo.

Isigaba 32 uthe sigunyaza ukuba kuqashwe ngokushesha inkampani ukuze yenze umsebenzi.

“Siyayifuna imali ehlonyulwe yilezi zinkampani ngokungemthetho ngoba bekufanele zithuthukise ingqalasizinda, zilekelele umasipala ukuhambisa izidingo ezithile kubantu. Bazolandelwa osonkontileka balezi zinkampani ukuze umasipala uthole imali yawo, unike abantu izidingo,” kusho uNtuli.

Uphethe ngokuthi enye imali ibilahleka ngokuholela abasebenzi kwazise uthole ukuthi * -41% wesabelomali saseMtubatuba besisetshenziselwa ukuholela abasebenzi.