UNTUMBA wadutshulwa wabulawa ngoMashi, 2021, eBraamfontein, ngesikhathi izitshudeni zibhikishela ukwesulwa kwezikweletu zazo Isithombe: Thobile Mathonsi/African News Agency (ANA)
I-NATIONAL Prosecuting Authority (NPA) iveze ukuthi izosifundisisa isinqumo senkantolo kwelokubulawa kukaMnuz Mthokozisi Ntumba, bese ithatha izinyathelo ezifanele, okubalwa ukudlulisela phambili isinqumo senkantolo ukuze sibuyekezwe.
Lokhu kulandela ukuthi iNkantolo eNkulu yaseGoli, ikhiphe phambili amaphoyisa amane abesolwa ngecala lokubulala uNtumba.
Womane lawa maphoyisa okungoTshephisho Kekana (27), Cidraas Motseothatha (43), Madimetja Legodi (37) noVictor Mohammed (51), atholwe engenacala yinkantolo.
UNtumba wadutshulwa wabulawa ngoMashi, 2021, eBraamfontein, ngesikhathi izitshudeni zibhikishela ukwesulwa kwezikweletu zazo zokufunda.
Ngesikhathi edutshulwa, uNtumba wayengahlangene nombhikisho kodwa wayesendleleni ebuya emtholampilo.Wayehlala nomndeni wakhe eGoli ngesikhathi sesigameko.
Okhulumela iNPA, uNksz Phindi Mjonondwana, utshele abezindaba ukuthi basemukele isinqumo senkantolo kodwa basazosifundisisa kahle bese beyabona ukuthi benzanjani ngaso.
“Sizobona emva kokusifunda ukuthi sikhona yini isidingo sokuthi sicele ukuthi sibuyekezwe,” kusho uNksz Mjonondwane.
Uthe umthetho vele usebenza kanjalo, ukuthi uma ubona ukuthi abukho ubufakazi obenele ukufakazela ukuthi abasolwa banecala, unayo imvume yokufinyelela kulesi sinqumo ogcine ufinyelela kuso.
Ummeli kamsolwa wesibili uMotseothatha, u-Advocate Emmanuel Netshipise, uthe bazizwa bekhululekile ukuthi ubulungiswa bugcine benzekile.
“Isinqumo senkantolo sikhombise ngokusobala ukuthi ukuqulwa kwecala kudinga ukuqaliswa uma sekunobufakazi obuphathekayo obuyamanisa abasolwa necala ukuze uMbuso uzokwazi ukuthi ubagojele abasolwa,” kusho u-Adv Netshipise.
Uthe leli cala lingelinye angena enkantolo enobufakazi obungabambeki.
Umsolwa wesine kulo, uMohammed, uthe ayikho into emjabulise njengokuthi atholwe emsulwa kuleli cala.
“Unyaka wonke odlule bengilokhu ngihamba nefu elimnyama lokuthi ngabulala ngibe ngizazi kahle ukuthi angisiye umbulali. Lokhu bekuyisilonda emndenini wami nasemphakathi lapho ngivela khona. Ngiyajabua ukuthi sengizokwazi nokuthola ubuthongo ngoba iqiniso ligcine liphumile,” kusho uMohammed.