BAZOWUKHOMBA umuzi onotshwala abasabisa ngokuthi kunamabhomu ezinxanxatheleni zezitolo ezihlulekene, usho kanje uBrigadier Hangwani Mulaudzi woKlebe emuva kokuthi kube nocingo oluthi kunebhomu enxanxatheleni yezitolo iCornubia Mall izolo.
Abathengi nabasebenzi bezitolo eziseCornubia Mall bakhishelwe ngaphandle emuva kokuthi abaphathi bethole ucingo obeluthi kunebhomu kulezi zitolo.
UNkk Lara Gracie ongumphathi weCornubia Mall ukuqinisekisile ukuthi abathengi nabasebenzi bakhishiwe ekuseni ngoba amaphoyisa ebheka ibhomu obekuthiwa litshalwe kulezi zitolo.
“Amaphoyisa ophiko lweziqhumane abheke yonke indawo kodwa angalithola ibhomu. Kunomuntu ogodle igama lakhe ofonele amaphoyisa wathi kunebhomu lapha kodwa alitholakalanga. Isimo sesibuyele kwesijwayelekile,” kusho uNkk Gracie.
Amaphoyisa asesiteshini sasePhoenix nawo aphoqeleke ukuthi aphumele ngaphandle akhipha nezimoto emuva kokuthi kuthiwe kunebhomu kulesi siteshi.
Kuseshiwe nakhona kodwa alikho ibhomu elitholakele.
UBrigadier Mulaudzi uthe bazoboshwa abaqamba amanga ngamabhomu.
“Kuyicala ukuthusa abantu uqambe amanga uthi kunebhomu libe lingekho. Sizobabopha abenza lo mkhuba. Siyacela abantu behlise umoya ngoba awekho amabhomu atholakele izolo,” kusho uMulaudzi.
Ngesonto eledlule kutholakale iziqhumane enxanxatheleni yezitolo iPavilion Shopping Centre naseGateway.
Esinye isiqhumane sitholwe ngempelasonto ngaphansi kwemoto ebipakwe eGreyville.
UMnuz Eddie Yotwana obephawula ekhasini likaFacebook weSolezwe uthe ngelinye ilanga abantu bayozwa kuthiwa ibhomu liqhumile ngoba lokhu kuyizimpawu zokuthi kukhona impi ezayo.
UMnuz Thulani Maphumulo uthe: “Kanti kwenzenjani ngala mabhomu? Kuqale eGateway nasePavilion kwathiwa kunelinye eCommercial City naseCornubia.”
UMnuz Willem Els, oyi-training co-ordinator for counter terrorism e-Institute for Security Studies (ISS), uthe kubikwa kakhulu ngamabhomu eThekwini kodwa abantu akufanele babe nengebhe kodwa abalinde amaphoyisa.
Uthe okwamanje ngeke bakuqinisekise ukuthi amabhomu enziwa ngabashokobezi kodwa iziqhumane ezitholakele zifana nezisetshenziswa yibona.
Ugqugquzele abantu ukuthi bahlale beqaphile futhi bangazithinti izinto ezibukeka njengemishini emincane abangazazi.