BAZOVALELWA ejele abagodla imininingwane yabo uma bedinga usizo lweSouth African Revenue Service (Sars).
Lokhu kuza emuva kokuchitshiyelwa komthetho wentela ophoqa abakhokhi bentela ukuthi badalule yonke imininingwane.
UKhomishana wakwaSars, uMnuz Edward Keiswetter, utshele i-eNCA ukuthi akukho okusha abakwenzayo kodwa benza isiqiniseko sokuthi umthetho uyalandelwa.
Uthe abakhokhi bentela abangayazisi iSars ukuthi imininingwane yabo ishintshile bangaboshwa noma bahlawuliswe.
Uveze ukuthi iSars kufanele iqinisekise ukuthi umkhokhi wentela usho okungeyikho ngenhloso ngaphambi kokumbeka icala.
Nazi ezinye izinto ezingaholela ukuthi abakhokhi babekwe amacala:
-Ukungabhaliseli ukukhokha intela nokungayazisi iSars ukuthi imininingwane isishintshile.
-Ukungabhalisi umuntu okumele kwezentela uma unaye.
-Ukungabhalisi njengomuntu osiza abanye ngezentela njengokuyalelwa wumthetho.
-Ukungathumeli imininingwane yakho yentela kwaSars noma ukugodla eyomunye umuntu uma kufanele uyithumele kule nkampani.
-Ukungagcini imininingwane yentela njengokusho komthetho.
-Ukuhluleka ukuthumela imininingwane edingwa yiSars.
-Ukungakhiphi ubufakazi uma ucelwa yiSars.
-Ukuziba imiyalelo yakwaSars.
-Ukungadaluli konke okudingwa yiSars.
-Ukungathumeli imininingwane yabasebenzi noma yababengabasebenzi uma ungumqashi.
-Ukungasho ukuthi awusaqashile muntu.
-Ukugodla imininingwane ye-value added tax (vat) nokunye.