Izindaba

Bazobhema bakholwe abazohambela uGu Jazz Festival

Charles Khuzwayo|Published

ZONKE

Image: SIGCINIWE

WONKE amabombo abheke emcimbini wokwethulwa ngokusemthethweni koGu Jazz Festival e-Ugu Sports & Leisure Centre, ePort Shepstone, kusukela ngabo-7 ebusuku. Kulo mcimbi kuzobe kushiyelana inkundla izihlabani zodwa ezinjengoZonke, Ami Faku, Mondli Ngcobo, Umkhumbane Jazz Ensemble, Olified Khetha, Tender Mavundla, DJ Bruce nabanye.

UZonke waziwa ngamanoni athi Jik'Izinto, Feelings, Say Now, Viva Legend, Thank You For Loving Me, Uzohamb' Ubuye namanye.

Umgqugquzeli wale ndumezulu yomcimbi, uSiya Msomi, uthe konke sekumi ngomumo. Uthe bazobuye bathulele isigqoko ingwazi yalo mculo isadla anhlamvana uMadala Kunene.

USiya uthe bathathe isinqumo sokubungaza uKunene esaphila ngenxa yamagalelo akhe ekuqhakambiseni umculo we-jazz kuleli nasemazweni angaphandle. Eqhuba uthe babone kungcono ukuba bamnikeze izimbali zakhe esaphila ukuze akwazi ukuzinuka kahle.

Mayelana nalo mcimbi, uSiya uthe okubenza bawuthule kabusha yingoba bafuna kube nesasasa ngonyaka ozayo.  Lo mcimbi bewuyintandokazi ngenxa yabaculi abanohlonze ebebehlale belethwa kuwo. 

"Sithemba ukuthi nabathandi bomculo bajabule njengathi njengoba sethula kabusha Ugu Jazz Festival. Ngiyakugcizelela ukuthi siwethula kabusha lo mcimbi ngoba siwenza ngenhloso yokuwuvuselela ube yindumezulu ngonyaka ozayo. Kodwa zonke izinhlelo esinazo ngawo sizozidalula ngoJuni 28."

Abanye asebeke bawugqugquzela ngoMdu Ngcobo nomufi uJabulani "Mjay" Zama.

Esephetha uSiya uthe amasango azovulwa kusukela ngo-5 ntambama, bese umcimbi uphothulwa ngo-3 ekuseni kanti amathikithi asatholakala eTicketPro ngo-R150 nango-R600.

Ami Faku

Image: SIGCINIWE

Tender Mavundla

Image: Sigciniwe