ISOUTH African Social Security Agency (Sassa) ithi phansi amaphaphu kwabangakawuholi uR350 kule nyanga njengoba imatasa nezinhlelo zokuqinisekisa ukuthi imali iya kubantu abafanele.
UNksz Sandy Godlwana obhekele ezokukhangisa nokuxhumana eSassa, KwaZulu-Natal uthe, ukuphazamiseka kokukhokhwa kwesibonelelo sikaR350 kwenziwa wukuthi bekuqala unyaka omusha wezimali.
Uveze nokuthi kufanele baqinisekise imininingwane yabo bonke abantu abawu-10 million abathola le mali.
Uthe unyaka wezimali kahulumeni uphela ngoMashi ngakho bekufanele benze izinhlelo zokuholela abantu emuva kokuphela konyaka wezimali.
“ISassa imatasa nezinhlelo zokuholela abantu isibonelelo sikaR350. NgoFebhuwari ithole izicelo ezintsha eziwu-86 363. Kufanele kuqinisekiswe yonke imininingwane yabantu abawu-10 million abathola le mali njalo ngenyanga,” kuchaza uNksz Godlwana.
Uthe ukukhokhelwa kwezibonelelo zikaMashi no-Ephreli kuzoba nokuphazamiseka kodwa lokhu akusho ukuthi abantu abangayitholile imali yabo ngeke bayithole.
“Sithanda ukuxolisa kwabangasitholile isibonelelo sabo sesikhashana sikaR350 ngenxa yezinselelo esibe nazo ekufakweni kwemali. Njengamanje iSassa imatasa ukuqinisekisa ukuthi bonke abangayitholile imali yabo bazoyithola ngokushesha. Sithanda ukuxolisa kubo bonke abathintekile futhi siyaqinisekisa ukuthi bazoyithola imali yabo maduzane,” kusho uNksz Godlwana.
Uthe basebenzisana nazo zonke izinhlaka ezithintekayo ukuqinisekisa ukuthi isimo sibuyela kwesijwayelekile.