ZIZOZALELWA yinja endlini izinkampani ezahlomula kungafanele ngenkathi zifaka izicelo zemali, iCovid-19 TERS, kuhulumeni ukuze ziholele abasebenzi bazo.
UNgqongqoshe wezokuQasha nezeziSebenzi, uMnuz Thulas Nxesi, ngoLwesithathu uthe bazozibamba lezi zinkampani.
UNxesi uthe basebenzisana nezinkampani zabacwaningi-mabhuku eziyisikhombisa ezizophenya ngazo zonke izicelo ezafakwa.
"Sizobabamba ngohlelo lwethu, iFollow the money. Izinkampani zabacwaningi-mabhuku esiziqashile zilandela yonke imali esiyikhiphile. Zizofika ezinkampanini zifune izincwadi ukuthi kukhokhelwe obani," kusho uNxesi.
Uqhube wathi bazobe bekhulumisana nabasebenzi bebabuza ukuthi bayitholile yini imali eyahlomulwa yinkampani.
"Uma bengayitholanga, sizobe sesifuna ukuthi bayibuyise bese sibabeka icala lokukhwabanisa. Lolu hlelo kwakungolwesikhashana, luholela abasebenzi," kusho uNxesi.
Uthe ngalo mkhankaso wokuqoqa imali eyakhishwa ngesinxele bafuna ukuvundulula izinkampani ezaholela izipoki, ezaholela abasebenzi imali engaphelele nalezo ezingazange zibaholele nhlobo imali abasebenzi.
Lo mnyango uthe ishaye kwazwela iCovid-19 ekhuphule isibalo sabangasebenzi. Uthe ukukhula kwezibalo zabangasebenzi, ikakhulukazi entsheni, yinkinga enkulu edinga ukusukunyelwa ngokushesha.
Ubalule nokuthi izinga lobuphofu eligcwele emiphakathini libangelwa ukuthi abantu abasebenzi okuyisimo esiletha usizi enhlalweni yomphakathi.
UNxesi ukhulume kanje eNewcastle ngoLwesibili ngesikhathi ezokwethula ihhovisi elibhekelele izinhlelo zentsha namabhasi amabili angamahhovisi omnyango wakhe angomahambanendlwana azojikeleza imiphakathi eyakhele eMajuba eyihlinzeka ngezinsiza.
Ubephelezelwa yiMeya yaseMajuba, uDkt Musa Ngubane.
UNgubane uthe lolu hlelo luzohlomulisa intsha futhi lusondezele umphakathi izinsiza.