BAPHIKELELE emvuleni ehambisana namakhaza nombani abantu baKwaMashu abebeyingxenye yomkhankaso kaMengameli Cyril Ramaphosa wohambo lokuzivocavoca obizwa nge#ThumaMina obuseThekwini ezintatha zayizolo.
URamaphosa ugqugquzela ukuphila kahle kubantu ngokuthi bazivocavoce ngaphambi kokuqala usuku ekuseni ukuze balwe nezifo.
Uhambo lukaRamaphosa luqale enkundleni iPrincess Magogo lwaze lwaphelela enxanxatheleni yezitolo eBrigde City lapho afike wakhuluma khona nabantu abebeyingxenye yohambo.
Lolu hambo luqale lukhungethwe yimvula nokho ebingatheni kodwa luthe lusanda kuqala kwavele kwangathi iyabukisa.
Ladedela uzamcolo kwagobhoza amanzi emgwaqeni ngomzuzu, laduma kabi laklwebha umbani. Abantu abebehamba naye uRamaphosa belokhu bephikelele bethi bafuna ukuqedela abakuqalile. Bekukhona nezaguga ezibonakalayo ukuthi iminyaka isihambile kodwa zilokhu zishilo ukuthi zikhahlela isifo sikashukela ngokunyakazisa umzimba.
URamaphosa ubehamba nabanye abaholi bakwahulumeni KwaZulu-Natal njengeMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede, uMnuz Sihle Zikalala uNgqongqoshe weZokuthuthukiswa koMnotho nokuvakasha KwaZulu-Natal neSekela likaSihlalo we-ANC uMnuz Mike Mabuyakhulu nabanye.
URamaphosa uthe bebengeke bayeke ngoba bebona imvula ayisho lutho kubona.
"Lokhu sikwenzele ukukhombisa ukuthi i-ANC eyamaqhawe angesabi lutho nakhu nje aphume emvuleni ebandayo. Lokhu sakusungulela ukubuyisela umbutho nohulumeni kubantu,’’ kusho uRamaphosa. Uthe empeleni ngoba efike ngemvula nje kuyacaca ukuthi unyathele kahle uhamba nenhlanhla waze washaya incoko ethi abantu abthi udumise izulu ngemilingo yakhe yaseLimpopo.
"Amaqabane ami oZikalala bathi ngisebenza ngezulu engibuya nalo eLimpopo kodwa ngibatshelile ukuthi ngilethe imvula," kusho uRamaphosa elandelwa uhleko olukhulu nehlombe.