Izindaba

Bazitapele ukudla neziphuzo kusha amaloli eMooi River

Nonthuthuko Ngubane|Published

AMALUNGU omphakathi waseMooi River azitapele ukudla neziphuzo ngesikhathi kushiswa amaloli okuthiwa kwenziwe ngabashayeli ngoba bekhala ngokungaqashwa nokuhlukunyezwa yizinkampani zamaloli.

Izolo kusukela ngo-4 ekuseni kuvaleke imigwaqo u-N3, R103 no-R622 kulandela ukushiswa kwamaloli amane, amabili alinyazwa.

Isolezwe lithole ukuthi kufike abashayeli bamaloli abafuna ukuqashwa behamba ngamatekisi, bashisa amaloli maqede bazihambela. Amanye amaloli ebemiswa, kukhishwe abashayeli.

Kuthiwa umphakathi awubange usabuza, uvele wazitapela ukudla kulawa maloli, amanye evutha enjalo.

Kuma-video ezinkundleni zokuxhumana aveza abantu beqiqinga amakesi, izikhwama zoshukela, impuphu nokunye.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Mluleki Mtungwa, uthe baphuthume kule ndawo ukuyobhula umlilo.

“Esifuna ukukucacisa wukuthi bekungewona umbhikisho womphakathi kodwa kufike abashayeli bamaloli abafuna ukuqashwa nabakhala ngezinkampani ezithuthayo, bashisa amaloli. Umphakathi ube usuzithathela ukudla. Laba bashayeli beze kulendawo ngoba kuhlangana kuyo wonke amaloli ahamba ngemigwaqo ehlukene. UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, benoNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uMnuz Bheki Cele, baye kule ndawo ukuyodambisa isimo. Kumanje (izolo ntambama) umgwaqo usuvuliwe,” kusho uMtungwa.

Uthe basazoqhubeka nokutshala amaphoyisa kule ndawo ukuze baqinisekise ukuthi lesi simo asiphindi.

Imeya kaMasipala waseMpofana, uMnuz Xolani Duma, ithe umasipala awukaze uthole sikhalo emphakathini, ngabantu abasuka kwenye indawo abenze umonakalo.

“Umphakathi uzithathele ukudla emalolini abeselinyaziwe. Nokho kunabantu abangu-11 emphakathini ababoshelwe uzitapela ukudla,” kusho uDuma.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe balinganiselwa ku-1000 abantu abebehlasela kulesi sigameko.

“Bekunezikhalo ngabashayeli bokufika kuleli abaqashaywa emalolini. Kushiswe amaloli, umphakathi wathatha ukudla. Akekho olimele. Kuvulwe icala lokudala udlame emphakathini.”

Izolo amaphoyisa abengakakuqinisekisi ukuboshwa kwabangu-11.