ATHWELE kanzima amaphoyisa asebenzela esiteshini samaphoyisa i-Upper Tugela, eBergville, ngaphansi kukaMasipala wasoKhahlamba, okuthiwa kwesinye isikhathi sekuphoqa ukuthi izigebengu aziqhube ngezinyawo ukuziyisa esiteshini ngenxa yokungabi khona kwamaveni.
Umthombo okhulume neSolezwe ongaphakathi esiteshini wacela ukungavezwa, uthe sekunesikhathi eside amaphoyisa esebenza ngaphansi kwalesi simo kangangoba iveni elilodwa elikhona sekuphele amasonto amabili lafa, kuze kube manje alikalungiswa. “Uma sisebenza sigcina sesilinda imoto esetshenziswa umphathi siteshi, uma engekho esaphumile, siyahlala nje esiteshini silinde noma ngabe kukhona lapho umphakathi osidinga khona. Akulula ukutshela umuntu odinga usizo ukuthi isiteshi asinazo izinsiza,” kusho umthombo oyiphoyisa.
Uthe kunesikhathi lapho omunye uzakwabo ongumseshi efike nabasolwa ebaqhuba phansi esuka nabo endaweni eqhelile nesiteshi ngenxa yakho ukushoda kwamaveni okulanda izigebengu.
“Ngelinye ilanga sithole ucingo lukamama obedutshuliwe, asikwazanga ukuphuthuma lapho edutshulelwe khona wagcina engasizakalanga. Lesi simo sibeka isithombe esibi ngokusebenza kwamaphoyisa emalungwini omphakathi ngoba akulula kuwona ukuqonda isimo,” kuqhuba umthombo. Uthe leli veni elilodwa ebebelisebenzisa libhadle emagcekeni esiteshi, lifile kanti bese livele lihlupha kangangoba kunezikhathi lapho belike liqhunyelwe yisondo ngenxa yomgwaqo ongemuhle, obekuze kungenelele ikhansela lendawo okuyilo ebelike libaboleke isipele sesondo.
Uveze ukuthi ngaphandle kokuthi awekho amaveni kulesi siteshi esinamaphoyisa alinganiselwa ku-35, baphinde bathwale kanzima uma sekumele babuyele ezindlini lapho behlala khona okuthiwa ziqhelile ukusuka esiteshini lapho besebenzela khona, okubeka impilo yawo engcupheni.
“Sigcina sesihamba ngezinyawo ibanga elide ngoba ayikho iveni esihambisayo. Isimo sesakhiwo asigculisi njengoba kungekho ngisho amanzi selokhu anqamuka ngonyaka odlule. Isiteshi asinakiwe nhlobo kangangoba nomgwaqo oya kuso mubi ngendlela eyisimanga,” kuqhuba umthombo.
Kuthintwa ikhansela, uMnuz Sifiso Mlambo, livumile ukuthi isimo salesi siteshi sisesimeni esingagculisi futhi kukhona lapho elike lalekelela khona kodwa langathanda ukukhuluma kakhulu ngesimo sesiteshi ngoba lithe udaba lwaso lubikiwe eziphathimandleni.
“Ngasohlangothini lokulungiswa komgwaqo, sekukhona ukungenelela kukahulumeni njengoba kuzokwethulwa uhlelo lokuwulungisa yize kuzothatha isikhathi eside ukuthi kugcine kufike esiteshini samaphoyisa,” kusho uMlambo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe basalinde umbiko ngalolu daba ezinhlakeni ezithintekayo ukuze bathole incazelo ecacile.