IMIBIKO evela eMalawi ngoLwesithathu ekuseni iveza ukuthi uMfundisi Sheperd Bushiri nowakwakhe uMary sebezinikele emaphoyiseni kulandela ukukhishwa kwencwadi egunyaza ukubabopha kuleliya lizwe.
Izolo uhulumeni waseMalawi nawo ukhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kwalaba kulandela ukweqa kwabo eNingizimu Afrika bebalekela icala lokukhwabanisa izigidi zamaRandi.
OBushiri bashaye bachitha kuleli ngeledlule kusaphele izinsukwana bethole ibheyili kaR200 000 ecaleni lokukhwabanisa imali ebalelwa ngaphezulu kukaR106 million.
Ibheyili yakhe isihoxisiwe kuleli kanti oKlebe bathe kwashaya uLwesine engazinikelile emaphoyiseni akuleli uzoshaqwa umuzi wakhe obiza uR5.5 million oseCenturion, eGoli.
UNgqongqoshe wezaseKhaya kuleli uMnuz Aaron Motsoaledi izolo udalule ukuthi uMfundisi Shepherd Bushiri nenkosikazi yakhe uMary bebenama-passport amahlanu aseMalawi umuntu ngamunye ngesikhathi echazela iPhalamende lakuleli ngokweqa kwabo.