UMNYANGO wamaBhizinisi kaHulumeni uthi usebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi inkampani entsha yamabhanoyi igcina isisebenza.
Esitatimendeni esithunyelwe abomnyango kwabezindaba, bathe bazimisele ukusebenzisana nabatshali bemali bakwamanye amazwe nabakuleli kule nkampani entsha.
Kabacacisanga ukuthi uR10.3 billion odingekayo ukuze inkampani entsha iqale ukusebenza uzovelaphi kwazise uNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Tito Mboweni wakubeka kwacaca ukuthi akanayo imali yokutakula iSAA.
Uma sekusungulwe inkampani entsha kulindeleke ukuthi ibe nabasebenzi abawu-1000 kulabo ababalelwa ku-5000 akade besebenza kwaSAA. Abanye abawu-1000 bazoqeqeshwa ukuze babe namakhono amasha azodingeka enkampanini entsha noma kwezinye izinkampani zamabhanoyi.
Abanye bazodilizwa kulandelwa izinhlelo zokuphelelwa wumsebenzi zesigaba u-189 somthetho wezabasebenzi. Amabhange akuleli akweletwa uR16.4 billion yiSAA.
UMnuz Alf Lees weDA ucele abamabhange ukuthi bangalokothi babolekele uMnyango wamaBhizinisi kaHulumeni uR3.5 billion ukuze kusungulwe inkampani entsha.
“Uhulumeni akakwazi ukuhlale efongqa isigqoko ecela ukubolekwa imali engakasikhokhi isikweletu esidala. Amabhange kufanele ayeke ukuba budedengu. Awakwazi ukuboleka uhulumeni imali ukusungula inkampani entsha ekubeni endala ingakaze yenze inzuzo iminyaka eyisishiyagalolunye. Kunalokho ihlale ibika ukuthi ayinamali ize ilahlekelwe wuR32 billion,” kusho uLees.
Inkosi Mzamo Buthelezi ekhulumela i-IFP kwezomnotho ePhalamende, ithe asikho isidingo sokutakula izinkampani zikahulumeni kodwa kufanele zisebenzisane nezinkampani ezizimele ukuze zibe nozinzo.