UMNYANGO wezokuThutha KwaZulu Natal uthi ukuqaphe ngeso lokhozi ukusebenza kukasoseshini iNdwedwe and District Taxi Association eMzinyathi, eThekwini, ukulwa kwangaphakathi okukhiphe izidumbu.
UMnuz Bheki Ntuli ongungqongqoshe womnyango usebenza ngokubambisana neSantaco uxoxa nabaholi balo soseshini ngenhloso yokudala uzinzo.
Ngenyanga edlule uNtuli uthe uzowuvala umzila wamatekisi eMzinyathi afake amabhasi andise isibalo samaphoyisa ngenhloso yokuvikela umphakathi.
Okhulumela uNtuli, uNkk Gugu Sisilana, uthe ngesinqumo sokuvala umzila akuhlosiwe ukujezisa abathile kodwa esokuphephisa umphakathi kube nozinzo ematekisini.
“Ngemva kokuboshwa kwabathile okungenzeka ukuthi bayathinteka odlameni, ungqongqoshe uNtuli usacubungulisisa izethulo zabaphonsela inselelo isiphakamiso sokuba kuvalwe umzila wamatekisi. Ungqongqoshe ubheka nomthelela ongadalwa ukuvalwa komzila ngoba uma ubheka azisekho izigameko zodlame kulo mdonsiswano okhona,” kusho uNkk Sisilana.
Bayisishiyagalombili ababulewe kusoseshini kusukela kuqale unyaka kuhlanganisa nabagibeli abathathu.
Kuboshwe amadoda amathathu asolwa ngokuba yizinkabi, nowesilisa osekhulile obanjwe esebhace eMlaza mayelana nokubulawa kwemenenja yaserenki.
“Kuhle sicacise ukuthi isinqumo sokuvala umzila ngesokugcina esingathathwa ngenhloso yokudala ukuthula ukuze kuxazululwe ukulwa,” kusho uNkk Sisilana.