BANETHEMBA lokuthi bazokwazi ukunqoba ama-ward amaningi abangenele ukhetho lohulumeni basekhaya ngokuzimela eThekwini.
Bangaphezu kuka-50 abangenele ukhetho ngokuzimela kulo masipala, kanti abanye babo sebethathe isinqumo sokusebenza ngokubambisana.
Babe nesithangami nabezindaba izolo ekuseni, lapho becacise khona ngezinhloso zabo zokhetho.
Phakathi kwabo kukhona novele uyikhansela kulo masipala, uMnuz Mthetheleli Sibisi, owanqoba engenele ukhetho oludlule ngokuzimela.
Yize ngokhetho lwango-2016 kwanqoba abane kuphela kwabangaphezu kuka-50 ababengenele ukhetho ngokuzimela kulo masipala, uSibisi uthe banethemba lokuthi isibalo samakhansela azimele azonqoba sizokhula kulokhu.
USibisi uthe kuningi kakhulu abakufundile ngesikhathi bekhankasela ukhetho olwedlule, wathi lezo zifundo zizobalekelela uma sebekhankasela ukhetho lwangenyanga ezayo.
USibisi uthe ezinye zezizathu eziholele ekutheni iningi lababengenele ukhetho ngokuzimela lingaliboni elidlalayo ukushoda kwemali kanye nokungabi khona kwabantu abababekela iso eziteshini zokuvota.
Uthe njengoba sebenze imbumba nje, bazozilungisa lezi zinkinga.
“Ngokhetho olwedlule bekunzima kakhulu ukukhankasa, ngenxa yokushoda kwemali. Njengoba sesiyimbumba nje, kuzoba lula ukunciphisa ezinye zezindleko zokukhankasela ukhetho.
“Ukwenza nje isibonelo, uma siyokwenza izingqwembe siyaye sithole isaphulelo uma senza eziningi.
“Okunye saba nezikhalo eziningi ngokhetho olwedlule ngokuthi santshontshelwa amavoti. Inkinga esasibhekene nayo ukuthi sasingenabo abantu ababesibekele iso ezikhungweni zokuvota.
“Njengamanje sizoba matasa siqeqesha abazosigadela ezikhungweni zokuvota.”
USibisi uthe okubanikeza ithemba kakhulu ukuthi amalungu emiphakathini eyahlukene akhombisa ukubathakasela abangenele ukhetho ngokuzimela.
“Okusilekelele kakhulu ukuthi amakhansela abengenele ukhetho ngokuzimele ngokudlule asebenze ngokuzikhandla ukuletha izidingo kubantu. Abantu sebeyaqala ukubona ukuthi amakhansela azimele ayasebenza.”
USibisi uthe bazoyiqinisa kakhulu imikhankaso yabo njengoba ukhetho selusondele.
“Ngo-Okthoba 27 sizoshaya ujenga ngezimoto ezindaweni lapho singenele khona ukhetho. Abantu bazoqala basibone ezindaweni eziningi ezehlukene sikhankasa ngokubambisana.”
USibisi uthe okwenza kube lula ukuthi basebenze ngokubambisana ukuthi iningi labo lihlubuke enhlanganweni eyodwa, okuyi-ANC.
"Sonke sikhuliswe ngezimfundiso ezifanayo. Okwenza kube nzima ukusebenzisana nabaqhamuka kwamanye amaqembu wukuthi izimfundiso azifani.“