BADINWE bayaveva abazali babafundi baka-matric baseHarry Gwala abafundela ematendeni agxunyekwe esikhungweni sokwelapha abasebenzisa izidakamizwa esiseBraemar, ngaseMzinto.
Laba bafundi bayingxenye yabafundi ababekwe ezindaweni ezehlukene ngaphansi kohlelo lokuzicijela ukubhala izivivinyo zabo olwaziwa ngama-vacation classes.
Balinganiselwa ku-300 abafundi abakulesi sikhungo kuleli sonto, ngeledlule bekunabanye abayisibalo esifanayo, bakhona eHarry Gwala. Kufundwa zonke izifundo ezizobhalwa kwa-matric.
Omunye wabazali onomfundi okulesi sikhungo, uthe ingane yakhe imfonele icela ukubuya .
“Uthe etendeni abafundela kulo kuyashisa, amanzi awekho futhi nokudla abakutholi ngendlela efanele. Ubuye wathi bacinene abanye sebengenwe umkhuhlane unovalo lokuthi kukhona abazophuma kula makilasi bangabe besakwazi ukubhala izivivinyo zabo, kungcono abuyele ekhaya. Ngiqale ngangayikholwa le nto ayishoyo ngoba la makilasi ahlelwe uMnyango wezeMfundo kwathiwa thina bazali asikhulule izingane.
“Izithombe angithumelele zona zingishayisa ngovalo. Maningi amathuba okuthi izingane zithelelana ngezifo kula matende ezifundela kuwo. Kuleli sonto amazinga okushisa aphezulu izingane zifunda kanjani etendeni ngoba liyashisa. Uma bebengenayo indawo efanele ukuthi izingane zihlangane, bekumele baziyeke zifundele ezikoleni zazo kunokuthi zibekwe endaweni enje,” kukhala lo mzali ongathandanga ukudalulwa.
Omunye umzali uthe ukholwa wukuthi indawo okuzohlaliswa kuyo abafundi iyahlolwa ngaphambi kokuthi bafakwe kuyo.
“Ngubani ophasise indawo engenawo amanzi wathi izingane azihlale kuyo. UMnyango wezeMfundo wathi umfundi oneCovid-19 ngeke abhale izivivinyo. Uma kungenzeka kuba nomfundi oneCovid-19, uzothelela abangaki? Kusho ukuthi izingane zethu ngeke zibhale ngoba kuzomele zigonqe,” kusho lo mzali.
Izithombe ezithunyelelwe Isolezwe zikhombisa ukuthi kusetshenziswa amathoyilethi angomahamba nendlwane, asegcwele. Amatende agxunyekwe otshanini kwendlalwa amakhalibhodi phansi, amadeski ahleli abafundi awaqhelelene.
UMnuz Sihle Mlotshwa okhulumela uMnyango wezeMfundo eKZN, uthe bebengenalo ulwazi ukuthi kunabafundi ababekwe endaweni engenazo izinsiza ezifanele.
“Sisacele umphathi wesifunda iHarry Gwala ukuthi asinike umbiko ozochaza ukuthi yini eyenze ukuthi abafundi babekwe endaweni enjengale. Esikubona ezithombeni kuyashaqisa,” ubeke kanje.