BAYAVEVA abazali bezingane ezifunda eMlazi Comprehensive Technical High School (Comtech) eMlaza, emuva kokuvela kwemibiko yokuthi kunomfundi obejola nothisha ababili esikoleni.
Isolezwe lithole ukuthi ngoJulayi 2 abanye othisha babhadama umfundi nothisha beqabulana ethoyilethi lomtapowolwazi.
Uma ebuzwa ukuthi kwenzekani umfundi wathi bayathandana nothisha, ubudlelwano babo buqale ngesikhathi sesigaba sesihlanu sikathaqa.
Encwadini ebhalwe wumfundi Isolezwe elinekhophi yayo, uthe akukona okokuqala ethandana nothisha. Ngonyaka odlule ubekade ethandana nomunye kodwa babuye bahlukana.
Kuthe ngesikhathi sikathaqa sesigaba sesihlanu uthisha obanjwe eqabulana nomfundi wamvakashela kubo, baqala lapho ukuthandana.
Ngokusho komfundi ubudlelwano babo bebufana nobezithandani ezijwayelekile bexhumana nangoWhatsApp njengoba beze babanjwa beqabulana ethoyilethi.
Udaba lokuthandana komfundi nothisha lugcine selutholwa abazali bomfundi akade bezomlanda kwazise uhlala ngaphakathi esikoleni.
Ngesikhathi abazali bethola udaba kuthiwa bebenganeme neze besho nokuthi bafuna kuthathwe izinyathelo.
Udaba luye lwabikelwa umhloli waseMlaza ngoJulayi 7 ukuze luphenywe.
Abazali abakhulume neSolezwe kodwa bacela ukungadalulwa ngoba besaba ukuthi izingane zabo zizohlukunyezwa bazwakalise ukukhathazeka ngale mibiko.
“Sikhathazekile ngokuzwa imibiko yokuthi kunothisha abajola nezingane. Uma sifundisa izingane kulesiya sikole sisuke senzela ukuthi zifunde zingaphazamiseki yingakho sizihlalisa ngaphakathi esikoleni. Sicela uMnyango wezeMfundo uluphenye udaba ukuze kuphephe izingane zethu. Izingane ziyigugu kithina asiziyisi esikoleni ukuze ziyojola nothisha,” kusho omunye umzali.
Omunye ucele ukuthi kumiswe othisha abasolekayo ukuze uphenyo luzoqhubeka kahle.
UMnuz Sihle Mlotshwa, obhekelele ezokuxhumana emnyangweni wezeMfundo KwaZulu-Natal, oholwa nguMnuz Kwazi Mshengu, uthe bayalwazi udaba, balinde umbiko ogcwele ozohlanganiswa yihhovisi lesifunda somnyango.