UBHODLA umlilo umndeni womfundi okuthiwa ujeziswe ngokuvalelwa ekilasini ubusuku bonke ngoba engawenzile umsebenzi wesikole.
Le sigameko esishiye abazali bemangele kuthiwa senzeke eBlessed Luanda Primary, eDonnybrook.
Umfundi oneminyaka ewu-9 ofunda uGrade 3 kulesi sikole kuthiwa ukhiyelwe uthisha ekilasini ngoLwesibili waze watholakala izolo esekilasini.
Uyise womfundi uthe unina wendodana yakhe ohlala nayo umshayele ucingo ebusuku ethi ayibuyanga esikoleni.
“Ubezitshela ukuthi ingane iphume esikoleni yadlula lapha ekhaya. Ubebuza kudadewethu ukuthi kungani singamtsheli ukuthi izolala ngoba usebona sekusebusuku ingaqhamuki. Ngiphume ngaleso sikhathi ngihambe ngibuza ukuthi akekho yini oyibonile,” kusho uyise wengane.
Uthe unina wengane uhlabe umkhosi komakhelwane bakhe bamfuna kwenye ingxenye yesigodi.
“Inkinga ebesinayo wukuthi izingane afunda nazo ezakude zigibela ibhasi. Bese kusebusuku kungaselula ukuthi siyobuza kuzo,” kusho yena.
Uthe ekuseni abanye abazali bahambe befuna baze bayofika esikoleni ngaphambi kokuthi isikole singene.
“Abafike kuqala esikoleni bathe bafice izingane ezihamba ngebhasi ezifunda naye okuyizo ezishilo ukuthi zimshiye ekilasini azazi ukuthi uphume nini. Uthisha ubethe uzolala khona uma engawuqedi umsebenzi wesikole. Amakilasi abengakavulwa ngaleso sikhathi kodwa abazali bangenile nabanye abafundi behamba bebheka bambona engaphakathi ekilasini. Umemezile ethi ucela usizo. Abebengaphandle bathe akaphume ngefasitela waphendula ngokuthi akanawo amandla okugibela, kwangena umalume wakhe wamkhipha,” kusho yena.
Ubabekazi womfundi uthe: “Uthisha wengane uthe ubeyidlalisa kusho ukuthi ingane yesabile ngempela futhi akuyena okhiye ekilasini ucele uzakwabo ukuthi akhiye. Unogada wasemini uthe bekunomsindo wezinyoni akezwanga noma umfana uke wakhala yini. Ongena ebusuku uthe uhambe entathakusa akayizwanga ingane ikhala. Singabazali yini okumele siyikholwe lapha kodwa kuthiwa asimxolele uthisha libe lingakhulunywa iqiniso,” kusho yena.
UNksz Dumisile Maphanga osesigungwini esilawula isikole uthe uthisha kumele aboshwe akuselona udaba oludinga ukuxoliselwa lolu.
“Angiboni ukuthi kumele sikhulume ngokuxolelana. Uthisha uphule umthetho akajeziswe ngendlela efanele ngaphakathi emnyangweni aphinde abhekane nengalo yomthetho,” kusho uNksz Maphanga.
UMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe bebengakezwa ngalesi sigameko kungenzeka ukuthi udaba ludingidwa ezingeni lesekethe.