UYAVEVA yintukuthelo umndeni wesaguga okuthiwa sihlaselwe yisiguli esinokuthikamezeka emqondweni esibhedlela oSindisweni, eNdwedwe, ngoLwesihlanu.
Kule sigameko, kulimale kanzima uNkk Busisiwe Ntuli (80) wasoGunjini, eNdwedwe, nesinye isaguga okuthiwa sineminyaka ewu-75.
Ngokusho kukamzukulu kamgilwa, uNksz Zama Ntuli, uthe ugogo wakhe wangeniswa kulesi sibhedlela ngasekupheleni kuka-Ephreli, exinwe wukugula.
Uthe ngosuku lwesigameko, bathola ucingo luvela komunye umakhelwane wabo, ethi abaphuthume esibhedlela, uNkk Ntuli ulimele kanzima.
“Bathi yena nesinye isaguga bagencwe ngepuleti elifile ngumuntu othikamezekile ngokomqondo,” kusho uNksz Ntuli.
Uthe ngesikhathi befika khona bamfice elimele kanzima ugogo wabo, enamanxeba ebusweni nasekhanda, wathi bathole ukuthi lona wesilisa obahlasele uqale ewodini ebilele esinye isaguga, wamhlasela kanzima.
“Kuthiwa waphuma kuyo, wangena kule ebilele ugogo wami, naye wamenzakalisa,” kusho uNksz Ntuli.
Udalule ukuthi bathe uma bebuza abahlengikazi ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi kuhlaliswe iziguli zabesilisa nabesifazane ndawonye, bathi iziguli ezinenkinga yokuphithanelwa amakhanda seziyaxutshwa, azisahlaliswa zodwa.
Uthe bathi sezixutshwa nalezo ezinokugula okujwayelekile.
“Bathi umthetho omusha woMnyango wezeMpilo,” kusho uNksz Ntuli.
Uthe bathe uma bebuza ngonogada besibhedlela ukuthi abalekelelanga ngani isiguli sicishe sibulala isaguga, bathi bona kabaqeqeshelwe ukubhekana neziguli eziphithanelwe amakhanda.
“Omakhelwane okuyibo abasifonele besitshela ngesigameko bebezobheka isihlobo sabo, isigameko senzeka ngesikhathi sokuvakashelwa kweziguli. Yibo abaze basibamba isiguli basiphuca ipuleti,” kusho uNksz Ntuli othe babatshela ukuthi onogada bazihlangula, bathi nabo bayalusaba "uhlanya".
Uthe abakakwazi ukuvula icala emaphoyiseni ngesigameko njengoba isibhedlela singakabagcwaliseli ifomu, i-J88, egcwaliswayo uma umuntu elimele.
Udalule ukuthi ezigulini ezisemawodini asondelene nalawo okulaliswe kuwo abagilwa, amafayela azo aseduze kwemibhede.
“Kodwa awalaba ababili abahlaselwe asesusiwe. Asazi bawasuseleni ngoba sonke lesi sikhathi abekhona kodwa emva kwesigameko, sebevele bawasusa,” kusho uNksz Ntuli.
Uthe bubacasulile ubudedengu besibhedlela futhi bazimisele ngokusivulela icala.
“Kubuhlungu ukuthi ungaletha othandiweyo wakho esibhedlela ephethwe wokunye, aphinde azokwehlelwa inkinga yokuhlaselwa, alinyazwe esesibhedlela,” usho kanje.
UMnyango wezeMpilo esifundazweni uthunyelelwe imibuzo kodwa kuze kwashaya esokushicilela ungabuyanga nezimpendulo.