USATHUTHUMELA umndeni wowesilisa waseRichmond, ngaseMgungundlovu, emuva kokuthi egwazwe wabulawa ngeSonto.
Kusolwa unina wengane yakhe ngalesi sigameko.
UMnuz Sanele Mhlongo (29) obehlala eKenville, eThekwini, kuthiwa ugwazwe amanxeba amabili ngomtafula kanti kusolwa unina wengane yakhe eneminyaka emibili.
Ngokusho kukaNksz Philile Bhane (27), naye onengane eneminyaka emine nomufi, uthole ucingo luvela kunina kamufi, emazisa ngesigameko.
Uthe ngokusho kwabebekhona egcekeni ngesikhathi kwenzeka isigameko, baqale bezwa umsindo wokuxabana endlini kamufi.
“Umfowabo kamufi, naye ohlala khona egcekeni, uthumele omunye wesifazane oyisihlobo ukuthi akahambe ayokhuza umsindo. Uthe uma efika khona lona wesifazane, wangena phakathi kwabo, ezama ukubahlukanisa. Uthe ubesathi uzama ukuzwa ukuthi ngabe bahilizisana nje babangani, ngesikhathi umsolwa edonsa umtafula ewujombisa emahlombe akhe (lona wesifazane), wagwaza ngawo umufi kabili esifubeni,” kusho uNksz Bhane.
Uthe kuthiwa umufi, uwele khona lapho, waphuthunyiswa esibhedlela wafike washonela khona.Uthe isigameko sibashaqisile yize umsolwa enomlando wodlame. Uveze ukuthi yena useke wamhlasela kabili khona endlini kamufi uma ethi umvakashele.
“Kangangoba saze sahlukana kodwa kwenzeka lesi sigameko nje, bese sizilungisile izinto, sesibuyelene ngoba ubesengitshele ukuthi bahlukene nomsolwa,” kusho uNksz Bhane.
UNksz Bhane uthe ngokubuka kwakhe umsolwa ubengafuni ukwaliwa.
Elinye ilungu lomndeni eliseRichmond, uNksz Ntombi Madondo, lithe bona bathole ukuthi umsolwa ubekade enyamalele isonto lonke, umufi engamazi ukuthi ukuphi.
Lithi uthe ebuya, wathi umufi uma embuza ukuthi uphumaphi, wathi ubekade ekubo kukayise wengane yakhe endala.
“Sizwa kuthiwa babange lokho-ke ukuthi yini edala ukuthi umsolwa uma ekubo kukayise wengane endala angatholakali ocingweni kodwa kuthi uma umufi esenza izinto zakhe naye eziphambene, bese evuka inj’ ebomvu,” kusho uNksz Madondo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe bayasiqinisekisa isigameko.
“Amaphoyisa abophe umsolwa owazanayo nomufi oneminyaka engu-23. Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini namuhla,” kusho uConst Ngcobo.