BAYAZIKHALELA osomabhizinisi abaphucwe isinkwa ngabantu abazitapele emabhizinisini abo KwaZulu-Natal.
Osomabhizinisi bathi kubuhlungu okubehlele njengoba kade beziphilisa ngala mabhizinisi abo, bathi kuzoba nzima ukuthi bakwazi ukuphinde baqale phansi amabhizinisi abo.
UNksz Mandisa Msomi obenebhizinisi lokuzicwala nelokuqashisa ngempahla yokuhlobisa uma kunemicimbi yezingane, uthi akazi ukuthi uzoqalaphi ukuze ibhizinisi lakhe liphindele esimeni elikade likuso.
“Izinto zami zonke kade ngizigcine endaweni egcina izimpahla eManzimtoti ngaseWoodhouse. Yonke into yebiwe base bayashisa,” kulandisa uNksz Msomi.
Uqhube wathi kuzoba nzima kakhulu njengoba impahla yakhe eyebiwe ibibiza imali eshisiwe.
UNksz Nomfundo Mcoyi ongumnikazi wamakhaza Icebolethu, uthe isimo sibi kodwa akhona amabhokisi abawatholile ebiwe KwaMashu.
Uthe: “Kunzima ukuthi sikwazi ukusiza amakhasimende ethu ngenxa yokuthi eminye imigwaqo ivaliwe. Sithole nokuthi angaphezu kuka-21 amagatsha amakhaza athintekile njengoba kwebiwe impahla.”
“Amanye amabhokisi acekelwe phansi ashiywa kanjalo khona emakhazeni,” kusho uNksz Mcoyi.
UNksz Thembi Mhlongo onendawo yokucwala izinwele enxanxatheleni yezitolo, eRichards Bay uthi ubeziphilisa ngaleli bhizinisi. Ubeqashe abantu abawu-14 ukumsiza, athi bonke baphelelwe wumsebenzi.
“Ngenkathi ngizwa ukuthi abantu sebengene kule nxanxathela yezitolo ngaphuthume ngayobheka iSalon yami. Abantu ngangilokhu ngibancenga ukuthi bangathathi lutho. Ngithe ngihamba bangena bathatha yonke into,” kuchaza uNksz Mhlongo.
Uqhube wathi zincane izinto akwazile ukuzihlenga njengoba enemoto encane, futhi kuzoba nzima ukuthi aphinde avule leli bhizinisi uma kuphela izibhelu.
UMnuz Mhlengi Msane unebhizinisi eligxile kwezokwakha nezobumnandi eMtubatuba. Uthi udinga ukuthi athole uR400 000 ukuthi aqale kabusha ibhizinisi lakhe.
“Kungithathe iminyaka eyisikhombisa ukwakha leli bhizinisi. Ngilahlekelwe njengoba kucekelwe phansi nendawo yami lapho kade ngigcina khona nempahla,” kuchaza uMsane.
Nezinkampani ezinkulu okucekelwe izindawo zazo seziqalile ukubala umonakalo owenzekile njengoba abakwaTiger Brands beveze ukuthi umonakalo odalekile ungabiza izigidi kanti sebenqume nokuvala okwesikhashana eKZN ngenxa yokutatshwa kwempahla nokucekelwa phansi kwayo.