Izindaba

Bayakhala abesifazane abaphila ngokulima

Charles Khuzwayo|Published

BEWUPHUME ngobuningi bawo umphakathi wasezindaweni ezakhele iBig 5 Hlabisa ngesikhathi kunembizo kamasipala wakule ndawo Isithombe:SITHUNYELWE

UKUDLANGA kobugebengu nokuntukeka kwamanzi kukhalisa abesifazane abathembele kwezolimo ukuxosha ikati eziko ezindaweni ezakhele indawo yakwaHlabisa.

Lokhu sekwenze baphonsa inselelo kuhulumeni ukuba angenele ukuze bakwazi ukubhekana nalesi simo.

UNkk Nozipho MaMsezane Mthethwa, ongomunye wabazizamela ngokulima, uthe bathwele kanzima ngenxa yokuntula amanzi ukuze kukhule izitshalo zabo abasuke behlose ukuzidayisa.

"Siyacela ukuba uhulumeni asisize nomasipala wakwaHlabisa ngamathangi amanzi ukuze sikwazi ukunisela ezingadini zethu esilime kuzo. Sifisa nokuba basizamele amathuba okuba sikwazi ukungena ezimakethe sidayisele izitolo ezinkulu imikhiqizo yethu," kusho uNkk Mthethwa.

Ngakolunye uhlangothi uNkk Boneni Gcwensa ukhale ngokuthi izingadi zabo zicekeleka phansi ngenxa yamasela antshontsha ucingo lokubiyela.

"Ngikhuluma nje singomama abazizamela kwezolimo kodwa siyahlukumezeka ngenxa yokwebiwa kocingo lokubiyela. Lokhu kwenza imfuyo igcine isizingenela, idle izitshalo zethu. Impela siyacela kubekhona okweziwayo ngoba siyalimala. Uyabona nje uma kungathiwa asinikezwe izinsiza sigade amasela , mina ngingowokuqala engingayoqapha," kusho uNkk Gcwensa.

Iningi labesifazane abakwezolimo ezigodini ezahlukene kwaHlabisa lingabafelokazi ababheke imizi yabo .

Abanye badayisa imikhiqizo yezolimo edolobheni kwaHlabisa naseHluhluwe ukuze baphilise imindeni yabo.

UMNUZ Bongani Shangase, uMnuz Comfort Khumalo noMnuz Lunga Mavuso behambele ezinye zezinhlelo zentuthuko okuhloswe ngayo ukuthuthukisa umphakathi okuMasipala iBig 5 Hlabisa Isithombe:SITHUNYELWE

UMnuz Comfort Khumalo, oyiMeya yaseBig 5 Hlabisa, uthe udaba lolu abaphezu kwalo ukusiza kulesi simo abesifazabe abakhala ngaso. Uthe kumanje balungisa indaba yamanzi ageleza edolobheni kwaHlabisa ukuze aqoqeke asize nakwezolimo.

Ubuye waveza ukuthi inkinga yamanzi abanayo iqondene noMkhandlu wesiFunda Umkhanyakude kodwa asebewubikele ukuba ungenele.