Senyukile isibalo sabazalwane abashone engozini kuN2
Image: Facebook
SEBEYISHUMI abazalwane ababhubhe engozini eyenzeke ngakwi-tollgate yaseMthunzini, eMpangeni, ngeSonto.
Laba bazalwane bahlangabezana nengozi bephuma esiguqweni emzini kaMfu Vusumuzi Myeni webandla iNew Jerusalem in Zion, eGobandlovu, eMpangeni.
Kwavela ukuthi bebengabebandla iNtathakusa Church in Zion eMtubatuba, besuke emakhaya ngoMgqibelo ebusuku, bakhonza ubusuku bonke, inkonzo yagoqwa ezintatha ngeSonto, base bengena emotweni bethi bayagoduka.
Kuthiwa ingozi yabehlela sebebuyela emakhaya, ngesikhathi imoto ababehamba ngayo ishayiswa yiloli.
Kwabashonile kubalwa uMakhosi Magwaza (57), Celiwe Zikhali (55), Dudu Mthembu (52), Winnie Mkhwanazi (52), Cabangile Mavundla (52), Qhamukile Khumalo (40), Sihle Ndamase (24), Mphikiseni Sithole (57) noBongani Ndlovu. Igama loweshumi okuthiwa ushonile, belingakatholakali.
Kulolu hla kukhona abayisikhombisa abesifazane bese kuba abesilisa ababili.
IMeya kaMasipala waseMtubatuba, uMnuz Mxolisi Mthethwa, ithe izindaba zokudlula komuntu weshumi bazithole ngoLwesithathu, ngesikhathi behambela imindeni yabashonile.
UMthethwa uthe bazoxhumana nomndeni woweshumi ukuze nawo ulekelelwe ngendlela efanayo njengeminye.
Uveze ukuthi ngesikhathi beyohlanganisa amehlo nale mindeni, bafike bashiya ukudla okuzosentshenziswa njengoba kusaqhutshekwa namalungiselelo omngcwabo.
Uthe bazokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi abafi bafihlwa ngesizotha.
UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uveze ukuthi abashonile bazongcwatshwa enkonzweni ehlanganyelwe, enkundleni yezemidlalo esikoleni iSilethukukhanya High eKhula Village, eMtubatuba.
Ngesikhathi Isolezwe likhuluma noMyeni ngeSonto, wathi uye owayecele isiguqo njengoba ebehlushwa amaphupho amabi kanti kusondela izinsuku zokuthi enze umsebenzi wesiZulu ekhaya.
Waveza ukuthi inkonzo yesiguqo, ebanjwa ubusuku bonke, yenziwa noma yinini, yenzelwe unoma ubani osuke ecele ukulethelwa yona emzini wakhe.
Wakhala ngeshwa elibagubuzele bangakwazi ukubona ukuthi kuzoba khona isibhicongo salolu hlobo.
Related Topics: