KUYALWE abesifazane abangabanikazi bamatekisi ngoBen 10 abafika begaqele umnotho. Abesifazane baxwayiswe emcimbini wabesifazane bemboni yamatekisi, obuseCoastlands Hotel, eMhlanga, obuhlelwe yiSantaco KZN, ngoLwesihlanu.
Abesifazane abavela ezifundeni ezahlukene bayalwe ngokuphatha imali, ukuvikela umnotho wabo nokuqala amanye amabhizinisi ngokuhlanganyela.
Bayalwe nangokuba bangalinge bathathe umcebo wabo bawunike abafana abancane.
Esinye sezikhulumi, uNksz Nomali Magwaza oyisikhulu eMnyangweni wezeMfundo eKZN sithe kusemqoka ukuba osomabhizinisi besifazane bavikele umnotho wabo.
“Kubuhlungu ukubona indoda ikade ijuluka yenzela umndeni wayo umcebo, uma isishonile kube khona uBen 10 ozofika athathe wonke umcebo ngoba nakhu ethe uyakuthanda. Singadidiswa wuthando oludlulayo, olufika ngabantu abacuthele imali yethu,” kusho uNksz Magwaza.
Uthe uyakuqonda ukuthi obaba emakhaya bagcina bengasabagculisi omama ngothando ngoba nakhu besebenza kanzima ematekisini, okwenza kusale kuvuleke isikhala sokuthandwa. Uma obaba sebeshona bese umama esala nesizungu, esivalwa ngoBen 10 abafika nothando olukhulu kanti bafuna ukudla ifa.
UNksz Magwaza unxuse ukuba abesifazane abasematekisini bachushisane ngolwazi ukuze bazithuthukise nomsebenzi wabo uchume.
Usihlalo wososeshini baseThekwini, uMnuz Bongani Nzuza uthe uyaziqhenya ngegalelo lomama embonini yamatekisi.
“Lokhu esengikubona kule mboni, kugcwele omama kuhle futhi kuyangimangaza. Kusukela ngo-1973 ngikule mboni yamatekisi. Esikhathini esiphambilini besike sihlale phansi sibuzane ukuthi bayaphi omama embonini, kube khona othi abayekwe. Kuhle ukubona manje benza kahle kanjena,” kusho uNzuza.
Usihlalo weSantaco eKZN uMnuz Boy Zondi, utshele abesifazane ukuthi uyabathanda kakhulu, okwenza wabalelwa ukuba babambe iqhaza ematekisini.
“Amathuba akhona kubantu besifazane kule mboni, okudingekayo wukuba nihlangane. Sithembe nina mbokodo ukuthi yinina eniyokwenza le mboni ibe ngcono. Sifuna kube yinina enilwela omama abaxoshwayo embonini, bahlale namatekisi angasebenzi. Hlanganani nilwe, nonge imali nithuthuke kule mboni,” kusho uZondi.
UNkk Thandazile Buthelezi waseMzinyathi ongomunye obesemcimbini uthe kuningi abakuzuzile, ikakhulukazi iziyalo ngendlela yokuphatha ibhizinisi nokonga imali.