OMAKADEBONA be-ANC baxwayise uMengameli Cyril Ramaphosa ngokuthi i-ANC izoqhubeka nokwehlelwa wukwesekwa uma ingaluqali uhlelo lokuzivuselela kabusha nokuthi isuse labo abathinteka ekulawulweni kwamandla ombuso yidlanzana.
URamaphosa ubhekene nengcindezi yokuthi kufanele akhiphe ongqongqoshe abathinteka ezigamekweni ezingezinhle okubalwa ukulawulwa kombuso yidlanzana kodwa enze isiqiniseko sokuthi akayihlukanisi i-ANC.
Namhlanje uMengameli wamaJaji uChief Justice Mogoeng Mogoeng kulindeleke ukuthi anikwe uhlu lwabazoya ePhalamende olukwi-Independent Electoral Commission.
Encwadini ebizwa ngeCounter Revolution, State Capture and Corruption in South Africa, omakadebona be-ANC okukhona kubo uMengameli wabo uDkt Snuki Zikalala, Mnuz Wally Serote, Thami Ntenteni no-Aziz Pahad, bathe i-ANC isengcupheni yokusetshenziswa abantu abangathembekile abafuna ukufeza izinhloso zabo ezingalungile.
Omakadebona okuhlanganisa noDkt Fazel Randera bathe kudala izitha ze-ANC bekungabantu abangaphandle kodwa manje sezingaphakathi kuyona.
“Amaqabane athunywa yi-ANC ezikhundleni ezihlukene sekuyiwona izitha zayo. Aba yizitha zenhlangano ebe ejutshiwe, egqoke nemibala yayo,” kusho omakadebona.
Baningi omakadebona abaveza ukuthi abahambisani namanye amagama amaqabane afakwe ohlwini oluya ePhalamende ngoba athinteka ekulawulweni kombuso yidlanzana.
URamaphosa kulindeleke ukuthi amemezele iKhabhinethi lakhe uma esefungisiwe.
Omakadebona basole amanye amaqabane ngokuthanda ukugqama ngokuthi asho izinto ezingahambisani nalokho okushiwo yinhlangano.
“Imigomo ye-ANC akufanele ishintshwe ukuze iseke abathile.
“Kunabathanda ukuzisholo abakuthandayo okungahambisani ne-ANC. Abangahambisani nomzabalazo bazofuna ukuba yingxenye yamaqabane ajutshwa ezikhungweni ezihlukene ukuze bafeze izinhloso zabo,” kusho omakadebona.
Omakadebona bathe i-ANC ihlulekile wukufaka iziphakamiso zaseNasrec okubalwa kuzo ukuvuselela inhlangano kabusha, ukujuba amaqabane awenza kahle umsebenzi, nokuthuthukisa amaqabe, afundiswe ngemigomo ye-ANC nokuba nesithunzi.
“Okwamanje i-ANC ayikazilungisi izinto ezibalulekile ezaziphakanyiswe engqungqutheleni,” kusho omakadebona.
UMkhulumeli we-ANC uMnuz Pule Mabe ubengakatholakali ukuze aphendule ngale ncwadi yomakadebona ngesikhathi sokushicilela.
ICosatu icele uRamaphosa ukuthi abhekelele abampofu uma esengena emandleni ngokuthi ehlise izinga labantu abangasebenzi eliku 27.6%.
“UMengameli Ramaphosa ne-ANC banikwe ithuba abavoti abampofu nalabo abasebenzayo. Kufanele babhekelele izidingo zabampofu,” kusho iCosatu.
I-Ahmed Kathrada Foundation neCatholic Bishops Conference icele uRamaphosa ukuthi angabaqoki abathinteka ekulawulweni kombuso yidlanzana kwiKhabhinethi yakhe.
AbaBhishobhi bamaKhatholika bathe ukuqokwa kwabathinteka ekulawulweni kwamandla ombuso yidlanzana kuqeda ithemba kubantu baseNingizimu Afrika.
Bathe uRamaphosa kufanele aqinise isandla, akhombise ukuthi akahambisani nenkohlakalo.