UKUSETSHENZISWA ngokweqile kwezibulalamagciwane ezithakwe ngotshwala kungaholela ezinkingeni zesikhumba.
Ukubheduka kweCoronavirus emhlabeni sekuholele ekutheni kusetshenziswe izinto eziningi zokuzivikela, okubalwa nezibulalamagciwane.
Bathi lokhu kungaholela ekutheni isikhumba singabe sisaba nomswakama waso wendalo nokungaholela ekutheni amagciwane angene kalula.
Nakuba kubalulekile ukugezwa kwezandla njalo ngoketshezi olubulala amagciwane noluthakwe ngotshwala ongoti besikhumba bathi ukugeza izandla ngesibulala magciwane kungaba yingozi.
Ezitolo zakuleli kunzima
ukuthola izibulalamagciwane ngoba abantu bafuna ukuzivikela.
USolwazi Stephen Morse, wenyuvesi yaseColumbia, eNew York ocwaninga
ngezifo ezithelelanayo ucashunwe ephephandabeni lezempilo iHealthline, ethi ukusetshenziswa ngokweqile kwesibulalamagciwane kwenza kube lula ukuthi isikhumba singenwe ngamagciwane ngenxa yokuthi siyoma.
“Isikhumba esome kakhulu kulula ukuthi silimale, sisikeke, namagciwane kuba lula ukuthi angene esikhunjeni esesilimele. Ukugeza izandla ngensipho namanzi imizuzwana engu-20 kuya kwe-30 kuyawasusa amagciwane.
“Uma usuzigezile izandla zesule ngethawula lendwangu noma
eliyiphepha ngoba isikhumba esimanzi kulula ukuthi sigcine sakhe izifo,” kusho uSolwazi Morse.
UNkk Bongi Shangase, weShangase Brands ekhiqiza ezinto zokugcoba okubalwa nazo, uthe kuhle ukusebenzisa isibulalamagciwane kodwa kumele uqaphele ukuthi ungasondeli eduze komlilo ngoba ungase ushe. Njengamanje ziningi izinto ezidayiswayo ezitaladini abathengi okumele bakuqaphele
ukuthi izinga lotshwala lingakanani kuzo, umgomo weWorld Health Organisation (WHO) uthi kumele ibe notshwala obungu-60% kuya phezulu.
“Kuphoqelekile ukuthi abakhiqizi babhale izithako ebhodleleni ngalinye futhi kumele kube ne-barcode ukuze uma uba
nenkinga ukwazi ukuthola ukuthi ngubani umkhiqizi.
“Uma uyibuka nje ngamehlo akulula ukubona kodwa abanye basebenzisa umlilo ukuhlola ukuthi ngabe iyawudonsa yini bese beyabona ukuthi eyangempela,” kuchaza uNkk Shangase.
Weluleke ngokuthi kungakuhle uma usekhaya usebenzise amanzi anensipho ngoba uma usondela esitofini uzosha.
“Isibulalamagciwane ngesokuthi usisebenzise uma amanzi engekho hhayi ukuthi usebenzise yona kuphela,” kusho yena.