IMEYA yaseZululand, uMnuz Thulasizwe Buthelezi ifake uR3 million ohlelweni lokuthuthukisa abalimi abasafufusa nokugqugquzela abantu abasha ukuthi bayofundela ezolimo.
Lezi zindaba zivele ngesikhathi uMasipala waseZululand usayina isivumelwano sokusebenzisana neNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN) ophikweni lwezolimo.
UButhelezi uthe umasipala wenze lesi sivumelwano ukuze ulwe nendlala, ukwazi nokudala amathuba omsebenzi usebenzisa ezolimo.
Uthe abase-UKZN bazokwenza ucwaningo lomhlabathi waseZululand ukuthola ukuthi yikuphi ukudla okuzokhula kahle kuwona.
“Sifake uR3 million kulolu hlelo ukuze lukwazi ukuthi luqalwe, safaka nogandaganda abalishumi. Ezolimo zinamathuba amaningi omsebenzi ngakho sigqugquzela ukuthi abantu balime ukuze bondle imindeni yabo, baxoshe indlala futhi bathuthukise umnotho waseZululand,” kusho uButhelezi.
Uthe abantu abasha abazongena kulolu hlelo bazoqhamuka eDumbe, eBaqulusini, Nongoma, oLundi nasoPhongolo.
Ngaphandle kokuthuthukisa amakhono okulima nokwandisa ulwazi lwabalimi, uButhelezi uthe iNyuvesi yaKwaZulu-Natal izosiza abalimi bathole imakethe yokudayisa ukudla kwabo.
USolwazi Albert Modi onguVice Chancellor kwezolimo e-UKZN, uthe banomlando odlula iminyaka ewu-100 wokucwaninga ngezolimo.
“Phambilini lolu lwazi belusetshenziselwa ukuthuthukisa abalimi abamhlophe. Kodwa manje silusebenzisela ukusiza wonke umlimi.
“Inkinga ebesinayo phambilini wukuthi abantu abamnyama bebezibukela phansi ezolimo kodwa njengoba sisebenzisana neZululand bazobona ukuthi wumkhakha osebenzisa ubuchwepheshe besimanje ukuvula amathuba omnotho. Siyaqala ukubona ubuholi obuphezulu kumasipala busukumela phezulu ezolimo njengoba kwenza iMeya yaseZululand,” kusho uModi.
Uthe abalimi baseZululand babhekene nengqinamba yokuba nomhlaba omuhle kodwa bantula imvula.
“Uma sisebenzisa ubuchwepheshe esinabo, nolwazi lwethu sizokwazi ukuthola ukudla okuzotshalwa eZululand bese kudayiswa kuleli nakwamanye amazwe.
“Baningi abantu abadinga ukudla okunomsoco kwamanye amazwe, thina sizobaxhumanisa nabalimi baseZululand. Inhloso yami wukuthi lolu hlelo luqale kulo nyaka. Sizohlola umhlaba maduze,” kusho uModi.