SABELO NSELE
AWOTHA ubomvu amalungu ekomiti loMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, ngezijumbane zokudla okuthiwa ziduve emahhovisi alo mnyango esifundazweni.
Lezi zijumbane kuthiwa bekufanele ukuthi zinikezwe imindeni ehlwempu ngesikhathi somvalelandlini kepha kuvela ukuthi lo mnyango uyehluleka ukuzihambisa kubantu.
Ngokombiko othulelwe leli komiti ngoLwesihlanu, umnyango usebenzise uR25 million ukuthenga izijumbane zokudla kepha eziningi zisagcinwe emahhovisi alo mnyango. Ngokombiko umnyango bekufanele uhambise izijumbane zokudla ezingu-88 000 kepha ngenyanga edlule ubusakwaze ukuhambisa ezingu-1 025 kuphela. Ilungu le-IFP kuleli komiti uMnuz Les Govender, lithe bakhathazekile ngezigidi zabakhokhi bentela ezisetshenziswe ukuthenga izijumbane zokudla ezizogcina ngokubola.
“Abantu bebelambile ngoba bengakwazi ukuthenga ukudla ngalezi zigaba ezintathu zomvalelandlini. Umnyango obhekelele ukusiza abahlwempu, uvele wabafulathela. Lo mnyango awunabo ubuholi futhi awunandaba nabahlwempu. Njenge-IFP ngeke sisivumele lesimo siqhubeke,” kusho uGovender.
Okhulumela iDA kuleli komiti uNksz Elma Rabe, uthe kubamangazile okuqukethwe yilo mbiko.
“Akukholakali ukuthi lo mnyango ukwaze ukuhambisa izijumbane zokudla ezingaphezulu kwenkulungwane kuphela, akukholakali. Lezi zijumbane kwakufanele zitholwe ngabantu abaswele ngempela, abebengatholi mali ngesikhathi somvalelandlini. Lo mbiko uyihlazo ngempela futhi kufanele nongqongqoshe (uNkk Nonhlanhla Khoza) abe namahloni. Okuyinkinga wukuthi kasazi ukuthi lezi zijumbane zokudla ezingayanga kubanikazi zathengwa ngempela yini, kungenzeka futhi ukuthi sezibolile uma kuwukuthi zathengwa ngempela.”
Ilungu le-ANC kuleli komiti uMnuz Sibonelo Mtshali, lithe badumele ngokwehluleka komnyango ukuhambisa lezi zijumbane.
“Lokhu kudla bekufanele kunikezwe abantu (abanye) abadonse isonto lonke bengadlile. Abanye babo badla amaphilisi, bebewadla bengadlile ngenxa yokuthi ukudla kuduvile emahhovisi omnyango. Okuyinkinga wukuthi nina njengezikhulu zomnyango, umholo wenu niyawuthola ngaphandle kwezinkinga, zinyanga zonke kepha abantu ukudla abakutholi.”
UNkk Khoza utshele ikomiti ukuthi ukudla kusemahhovisini ezifunda.
“Yebo nami ngikhathazekile ngale ndaba. Ukudla sekuthengiwe kwayiswa emahhovisi ezifunda. Izifunda kuzofanele ziqhamuke nohlelo nokuhambisa lokudla.”