ABAHOLI bakwaShembe bavumelane ngokuthi amakholwa asohlangothini lwaseThembezinhle naseGinyezinye azokhuphukela entabeni iNhlangakazi ndawonye, ngoMsombuluko.
Yize uhlangothi lwaseThembezinhle, ngesikhathi likhuluma neSolezwe phambilini, liveze ukuthi asikho isivumelwano abanaso kodwa okhulumela abaseGinyezinye, uMfundisi Joseph Mhlongo, uthe umholi wabo, Inkosi Sizwe ‘Umudliwamafa’ Shembe, bavumelane nowaseThembezinhle, Inkosi Phinda ‘Imisebeyelanga’ Shembe, ngokuthi amakholwa anyukele ngosuku olulodwa entabeni iNhlangakazi.
“Engikushoyo akushiwo yimi kodwa kushiwo abadala. Emva kokubona ukuthi bekunokuphakama kwemimoya ngesikhathi kukhulunywa lolu daba, ngibe senginxusa ukuthi kuthintwe inkosi ukuze kube yiyona esiholayo. Nebala ikhulumile nomholi waseThembezinhle okuthe ngeSabatha (ngoMgqibelo) yamemezela ukuthi ukuthi bavumelene ngokuthi lezi zinhlangothi zizokhuphuka kanye kanye,” kusho uMhlongo.
Uthe umholi wabo ugcizelele ukuthi akufanele kube nombango ngokukhuphukela entabeni ngoba kakade bakhuleka umkhuleko ofanayo futhi bavatha ngendlela efanayo njengoba bonke bengamaNazaretha. Unqabile ukuphawula ngokuvezwe okhulumela uhlangothi lwaseThembezinhle, uMnuz Nkululeko Mthethwa, mayelana nokuthi abalolu hlangothi yibona abanegunya lobunikazi bentaba, wathi okwakhe ukuhlonipha umyalelo wabadala okuyibona esebevumelene. Uthe kukhona amahemuhemu okuthi ohlangothini lwaseThembezinhle kukhona abangeneme ngesivumelwano samakhosi, waqinisekisa ukuthi abaseGinyezinye bavumelane nomholi wabo.
Uqinisekise ukuthi ikhona incwadi esemaphoyiseni okulindeleke ukuthi isayinwe yilezi zinhlangothi zombili maduze mayelana nesivumelwano sokukhuphukela entabeni ndawonye ngoMsombuluko.
Umbango ngokushayisana kwezinsuku zokuyokhuleka entabeni iNhlangakazi waqala emva kokuthi leli bandla lahlukana phakathi ngeminyaka yango-1970, emva kokukhothama komholi walo wesibili, Inkosi Galilee Shembe. Uhlangothi lwaseBuhleni lwanquma ukusebenzisa intaba yaseKhenana.
Elinye ikholwa lwasohlangothini lwaseGinyezinye, elikhulume neSolezwe elingathandanga ukudalulwa, lithe intaba iNhlangakazi ngeyazo zonke izinhlangothi njengoba naphambili beyisetshenzizwa ngabaholi baleli bandla bokuqala lingakahlukani phakathi, akekho oseke wanikezwa igunya lokuthi alawule.
“Obekwenzeka ukuthi zonke izinhlangothi bezifaka izincwadi emaphoyiseni nakumasipala ngezinsuku ezizokhuphukela ngazo entabeni, kube nokubanga kodwa kugcine kuvunyelwene kodwa alukho uhlangothi elingumnikazi wentaba,“ usho kanje.