ANCAMELE ukushiya phansi umsebenzi wobizo lwedlozi amathwasa ekhala ngogobela ozitika ngawo ngocansi okuthiwa ubekwenza ephindelela.
Umgilwa oneminyaka engu-35 (igama lakhe eligodliwe, ngenhloso yokumvikela) waseSobantu, eMgungundlovu, ukhala ezimathonsi ngenyanga ena-24 ephinde ibe ngumfundisi ebandleni lamazayoni eSweetwaters athe ibisimphendule isigqila socansi ekubeni wayefike ezothwasa.
Lo mgilwa wesifazane ozichaze njengonemizwa yabantu bobulili obufana nobakhe, uthe ufike kule nyanga eyothwasa ngoJulayi nyakenye engazi ukuthi usezophenduka isisulu sokudlwengulwa. Uthe uphoqeke ukuthi eqe ngoDisemba nyakenye.
“Ngaya kuye ngiyofuna usizo lwempilo emuva kokuthi ngigule ngalaliswa esibhedlela nasemsebenzini izinto zingangihambeli kahle. Ufike wangitshela ukuthi angivume idlozi,” kuchaza umgilwa.
Ngelinye ilanga uthi inyanga yathi kufike abakubo (kamgilwa) bayicela ukuthi amphuzise utshwala ukuze abhodle.
“Ngigcine ngivumile. Bengingakaze ngibuphuze utshwala empilweni yami. Ufike notshwala obusemakanini okuthe uma ngibuqeda ngangazi kwenzekeni ngaphaphama esephezu kwami ngingenamandla okumsusa. Kube wukuqala kokuthi alale nami nokube yinto abeseyenza njalo,” kusho umgilwa
Uthe ubeyikhokhele ngemoto yakhe inyanga ukuthi yenze umsebenzi wokumthwasisa kodwa ugcine eseqa engaphothuliwe.
Uthe icala ulivulile, umsolwa waboshwa waphinde wadedelwa.
Umgilwa wesibili ona-22 waseDassenhoek okhulume neSolezwe uthe uye kothwasa emuva kokuhlushwa yidlozi ngoJanuwari, 2018.
“Ungiphuzise umuthi othile ongenze ngazizwa ngishiselwa yigazi. Kulapho-ke eqale khona ukulala nami. Ngigcine sengifana nonkosikazi wakhe njengoba bese ngimgeza ngimwashela ngenza yonke imisebenzi eyenziwa wumuntu ongunkosikazi womuntu,” kusho lo mgilwa.
Uthe le nyanga ithwasisa abesifazane kuphela kangangoba abeyisithupha amathwasa esifazane ahlala emzini wayo. Uthe udaba lokudlwengulwa kwakhe ulubikile emaphoyiseni.
Isazi samasiko, uDkt Velaphi ‘VVO’ Mkhize, siyihlabe sayihlikiza eyokuthi inyanga kube yiyo ehlolela ozothwasa ukuthi uguliswa yidlozi bese kuphinde kube yiyo emthwasisayo.
“Umuntu uthunywa yithonga lakhe esigodlweni lapho lifuna athwase khona. Nakuba umuntu ohlolayo engamhlolela umuntu osuke egula ukuthi uguliswa yidlozi kumele athwase kodwa okwenyanga ukuthi imgeze ukuze ithonga lakhe licacise noma ngephupho ukuthi ymuphi ugobela okumele athwase kuye,” kusho uMkhize.
Uthe ogobela kumele bazihloniphe bona, bahloniphe isigodlo baphinde bahloniphe nomsebenzi wethonga ngoba ukwenza into engukungcola iphinde ingcolise ithonga labo iqobo bagcine sebeyimiphuphe ngenxa yokudlala ngabantu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, ukuqinisekisile ukuthi akhona amacala amabili okudlwengula avulelwe umsolwa.
Uthe kuphinde kwavulwa elinye icala lokudlwengula esiteshini esifanayo ngoJanuwari 8, 2020. Uthe idokodo lidluliselwe ophikeni lwamaphoyisa abhekene noDlame lwasemndenini, ukuVikelwa kwezingane namacala oCansi ePlessislaer ukuze kuphenywe.