Izimoto bezihamba kanzima emgwaqweni omkhulu waseMlaza, uMangosuthu Highway ngenxa kadoti obusaphazekile Izithombe: BONGANI MBATHA/ANA
Izimoto bezihamba kanzima emgwaqweni omkhulu waseMlaza, uMangosuthu Highway ngenxa kadoti obusaphazekile Izithombe: BONGANI MBATHA/ANA
Bongani Mbatha / African News Agency (ANA)
Bongani Mbatha / African News Agency (ANA)
IQALE phansi inkinga yokungaqoqwa kukadoti elokishini elikhulukazi KwaZulu-Natal, uMlaza njengoba izolo umgwaqo uMangosuthu Highway ubuvalwe ngodoti, amatshe nezihlahla.

Isolezwe lithole ukuthi abasebenzi abaqoqa udoti bavuke izolo bavala umgwaqo emuva kokuthi bengawutholanga umholo wabo wezinyanga ezimbili.

Isiteleka siphazamise abantu abebephuthuma emsebenzini nezingane ebeziya esikoleni.

Udoti ubuchithwe cishe kuyo yonke indawo ngisho eduze kwesikhungo semfundo ephakene, iMangosuthu University of Technology.

Izolo izimoto bezihamba ohlangothini olulodwa lomgwaqo njengoba udoti ubusaphazwe ezinhlangothini ezimbili.

Emarobothini engakwaD bekuvalwe nangamapayipi kasimende emgwaqweni.

Lawa mapayipi ngawenkampani eyakha izindawo zokuhweba ezizoba seduze nenxanxathela yezitolo KwaMnyandu.

UMnuz Sbu Zulu, ofaka amapayipi nezitamkoko lapho kuzokwakhiwa khona indawo yokuhweba ubematasa efaka amapayipi ngaphakathi kwazise abegcinwe eduze komgwaqo.

Uthe okwamanje abawazi umonakalo owenzekile, ukuthi ngowamalini kodwa basazohlola konke emuva kokuqoqa amapayipi bese bethenga acekelwe phansi.

UMnuz Msawakhe Mayisela, obhekelele ezokuxhumana kuMasipala weTheku uxolisile ngokuphazamiseka kokuqoqwa kukadoti eMlaza.

Uthe umasipala uxoxa nosonkontileka owengamele ukuqoqwa kukadoti eMlaza, ukuze axazulule udaba lwabasebenzi.

Akazange acacise ukuthi abasebenzi batelekeleni noma yini eyenza ukuthi bachithe udoti.

“Sibikelwe ukuthi abasebenzi abanganeme bavimbe uMangosuthu Highway ngodoti. Lesi senzo siholele ekutheni kuphazamiseke abashayeli.

Sikhiphe amaloli awu-21 azoqoqa udoti okwesikhashana. Kunezigameko lapho amaloli kaMasipala weTheku evinjiwe ukuthi aqoqe udoti. Lapho sicele amaphoyisa kamasipala ukuthi awagade.

Sicela izinhlaka zomthetho zibophe abantu abaphazamisa izikhamuzi ukuthi zihambe ngokukhululeka,” kusho uMayisela esitatimendeni.