LIMISIWE emsebenzini iphoyisa (39) elisolwa ngokunika iziboshwa utshwala kanye nensangu esitokisini sasesiteshini samaphoyisa ePhalaborwa.
Okhulumela amaphoyisa eLimpopo uBrigadier Motlafela Mojapelo uthi leli phoyisa lisolwa ngokunikeza iziboshwa izidakamizwa ngoDisemba 31 nokuyinto eholele ezenzweni zodlame ngaphakathi esitokisini.
“Kuthiwa iziboshwa zadakwa ngemuva kokuthatha lezi zidakamizwa zahlasela ezinye iziboshwa, kusho uMojapelo.
Kuvulwe amacala ayisithupha okuhlasela ngenhloso yokulimaza namabili okudlwengula.
“Abasolwa ababili abaneminyaka engu-23 no-39, oyedwa uboshelwe icala lokubulala kanti omunye uboshelwe icala lokuphanga, babekwe amacala okuhlasela kanye nokudlwengula, ’’ kusho yena.
Kusenjalo, uKhomishana wamaphoyisa kulesi sifundazwe uLieutenent GeneralThembi Hadebe uqinisekise umphakathi ukuthi izitokisi ziqashwa ngelokhozi ngokuhambisana nemigomo yangaphakathi yokusebenza.
Uthi isigameko esenzeke esiteshini samaphoyisa ePhalaborwa singesizimele esiingidwa ngaphakathi ukuze kuqinisekiswe ukuthi umsolwa uthathelwa izinyathelo ezifanelekile.
Iziboshwa ezithintekayo zivelile enkantolo yeMantshi yasePhalaborwa, zabekwa amacala ayisithupha okuhlasela kanye namabili okudlwengula.