BAVELE eNkantolo yeMantshi eVerulam namuhla abasolwa abangu-10 ababoshelwe amacala ehlukahlukene ngezibhelu zasePhoenix, eThekwini.
Icala labo belisingethwe esithe, kungavunyelwe muntu ukuba alithamele. Lokhu kubangelwe ukuthi kusazokwenziwa uhlelo lokuthi bakhonjwe ngabamangali.
Inkantolo ibe isilihlehlisela uJulayi 30 icala ukuze abasolwa bafake isicelo sebheyili ngokusemthethweni.
Okhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA) KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Kara, uthe ababoshiwe babhekene namacala okubulala, awokuzama ukubulala, elokutholakala nempahla eyebiwe nokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Abantu bebephume ngothi lwabo, kukhona abebeyokweseka abasolwa kanjalo nabebeyokweseka imindeni yabantu ababulawa nabalinyazwa.
Amasosha namaphoyisa abenkanise ngaphandle kwenkantolo eqinise ezokuphepha njengoba bekukhona ukujikijelana ngamazwi kwalezi zinhlangothi ezimbili.
Abasolwa baboshwe emva kophenyo lwabaseshi mayelana nokubulawa kwabantu abevile ku-20 ePhoenix ngesikhathi kunezibhelu zokutatshwa kokudla ezitolo.