BAVELE eNkantolo yeMantshi ePinetown abasolwa abane abakhohlise amaphoyisa ngokubanjwa inkunzi.
Abasolwa abaneminyaka ephakathi kuka-22 no-38 bavele enkantolo ngecala lokubamba inkunzi nokusenga ezimithiyo. Kuthiwa ngo-Ephreli 13, ntambama kwafika umshayeli weloli (38) esiteshini samaphoyisa ePinetown, eyovula icala lokubanjwa inkunzi.
Kuthiwa umshayeli wathi ubanjwe inkunzi ngamadoda amathathu ngenkathi esephuma emsebenzini eNew Germay. Wathi amadoda amphuce amaselula amathathu nemali yenkampani, angadalulanga ukuthi yimalini, maqede akhala amaphepha.
Umseshi wasesiteshini samaphoyisa ePinetown wenza uphenyo ngalolu daba. Kwavela ukuthi umshayeli ubesebenzisana nabasolwa abathathu, ukubamba inkunzi. Ummangali nabangani bakhe abathathu bazivumelile icala lokubamba inkunzi, emva kwaloko baboshwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele, uthe: “Umshayeli weloli uthweswe icala lokukhohlisa nokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.”