BAVELE enkantolo yeMantshi eThekwini namhlanje abasolwa ababili ababanjwe nezidakamizwa zenani lika-R91 500 emaflethini aku-Victoria Embarkment eThekwini.
Abasolwa abaneminyaka ewu-35 no-46 baboshwe izolo ngamaphoyisa ophiko lezidakamizwa nezibhamu. Okhulumela amaphoyisa eKZN uColonel Thembeka Mbhele uthe amaphoyisa alunywe indlebe ngamadoda amabili abonwe epakisha izidakamizwa eflethini lawo.
“Amaphoyisa anikele kuleli flethi eliku-Victotria Embakment afike ababamba oqotsheni abasolwa bepakisha izidakamizwa,” kusho uColonel Mbhele.
Uqhube wathi kutholwe izidakamizwa ezihlukene okubalwa kuzo izijumbane ze-cocaine eziwu-20, amaphilisi e-ecstasy kanye noplastic abathathu be-cocaine abanesisindo esiwu 88,48 grams.
“Amaphoyisa azophenya ukuthi abasolwa bakuleli ngokusemthethweni yini,” kusho uColonel Mbele.
Uqhube wathi omunye umsolwa (28) naye uvele enkantolo yeMantshi eThekwini ngecala lokuphatha izidakamizwa.
“Amaphoyisa abone umsolwa obeziphethe ngendlela engaqondakali kuMaud Lane enkabeni yeTheku. Athe uma emsesha athola i-herion, uboshiwe wase ebekwa icala lokuphatha izidakamizwa,” kusho uColonel Mbele.