ATHUKUTHELE avala umgwaqo u-R603 izolo, amalungu omphakathi wakwaFakazi ku-ward 105 eThekwini ekhala ngamanzi okuthiwa awasabonwa kule ndawo.
Elinye ilungu ebeliyingxenye yombhikisho elingathandanga ukudalulwa, lithe sekuphele iminyaka emithathu ompompi balala ulwembu kanti amanzi sebawagcina uma elethwe ngamaloli.
Uthe izinsuku alethwa ngazo aziqondakali njengoba kuke kuphele amasonto kungazange kufike nelilodwa iloli.
“Sigqugquzelwa ngenhlanzeko ngenxa yegciwane iCorona elidlangile, okuthiwa kumele siqinisekise ukuthi izindawo esihlala kuzo zihlanzekile kodwa sizokwenza kanjani lokho singenawo amanzi,” kukhala leli lungu.
Amaphoyisa asebenze kanzima ukususa imfucuza emgwaqweni abantu abebevale ngayo umgwaqo.
UMasipala weTheku unxuse amalungu omphakathi ukuthi angazibandakanyi nezenzo zodlame uma ekhononda ngezidingo, ngoba imibhikisho enodlame iphinde iphazamise ukuhanjiswa kwezinye izidingo kubantu. Okhulumela lo masipala uMnuz Msawakhe Mayisela uthe iziphathimandla zikamasipala zihlangene namalungu omphakathi ukuthola isixazululo esibe wukuthi kuvunyelwe ithimba elijutshwe wumasipala ukuthi libheke imbangela yokungatholakali kokudingwa umphakathi.
Uthe enye yezinkinga eyenza kube nzima ukuphakelwa kwamanzi, wukuntshontshwa kwamakhebuli kagesi okwenza kube lukhuni ukuthi izinjini eziphampa amanzi zisebenze njengoba zisebenza ngogesi.
Uphinde wakhala ngokubekwa kwabantu ngokweqile endaweni, okugcina ingqalasizinda eyayakhelwe ukusiza isibalo esithile sabantu isisetshenziswa ngabantu abevile esibalweni esasilindelekile.
SEKUNZIMA ngisho ukuphambana kwezimoto emigwaqweni yaselokishini eliseThekwini, eMayville ngenxa yemfucuza evimbanise ngephunga emigwaqweni eminingi yaleli lokishi esinezinyanga ingaqoqwa. Isithombe: Bongani Mbatha /African News Agency (ANA)
Unxusa ababhekela ukubekwa kwabantu ukuthi baqale babheke ingqalasizinda ukuthi isazobanela yini abantu.
Khonamanjalo izakhamuzi ezihlala eMayville, eThekwini, zikhala ngephunga lemfucuza elivimbanise yonke imigwaqo yaleli lokishi njengoba sekuphele izinyanga imfucuza ingaqoqwa.
Ngesikhathi Isolezwe lifika kule ndawo, bekuze kudingeke ukuthi izimoto zilindane zingaphambani ngenxa yokuthi imfucuza isingenele nasemgwaqweni kanti abahlali bakhathazekile bakhala ngokuthi lokhu kunomthelela ongemuhle ikakhulu ezinganeni ezigcina sezigula ngenxa yalokhu kungcola.
Umasipala awuphawulanga ngalolu daba lwemfucuza.