ABANTU baseNtinyane, eMbumbulu, bathukuthele bavala umgwaqo omkhulu uR603 ngezingodo nangamathayi avuthayo bekhononda ngokuhamba kukagesi abathi sekuphele izinsuku ezinhlanu ungekho.
Bavuke kuseluvivi izolo bavala umgwaqo onqamula eMbumbulu ngoba bethi sebebolelwa wukudla emafrijini nezingane zabo kazisakwazi ukutadisha ukulungiselela izivivinyo zika-matric ngenxa yokuthi ugesi awukho.
UNksz Khombile Ndlovu uthe banqume ukuvala umgwaqo ngoba sebezame konke okusemandleni ukukhuluma ne-Eskom kodwa kungabi bikho mnyakazo.
“Siyababiza bafike bavele bajike bengazange benze lutho. Okubuhlungu wukuthi asisakwazi nokuxhumana nezihlobo ngoba amaselula acishile. Sibolelwa wukudla kanti izingane zethu azikwazi ngisho ukuzilungiselela ukuhlolwa kwazo ngoba kumnyama kuyo yonke indawo yaseNtinyane,” kusho uNksz Ndlovu.
Kuthiwa ugesi unqamuke emuva kokuthi kunabathile abantshontshe amakhebuli.
USihlalo wekomiti lokuHlaliswa kwaBantu neNgqalasizinda kuMasipala weTheku, uMnuz Thanduxolo Sabelo, obekhuluma namalungu omphakathi ngesikhathi amaphoyisa ekhuculula umgwaqo, uthe amalungu omphakathi kumele aqikelele ukuthi ingqalasizinda kahulumeni ayebiwa ngoba lokhu kujike kuhlukumeze umphakathi.
AMAPHOYISA kamasipala weTheku ekhuculula umgwaqo ngemva kokuthi iqulu lamalungu omphakathi lithukuthele lavala umgwaqo uR603 eMbumbulu izolo. Isithombe: Leon Lestrade/African News Agency (ANA)
“Ukunqamuka kukagesi kubangelwe ngabantu abantshontshe ikhebuli abasuke behlose ukuyidayisa. Lokhu kuyawulimalaza umphakathi kodwa kumele umphakathi kube yiwona obamba iqhaza ekuvikeleni ingqalasizinda. Ngeke kusuke amaphoyisa azogada ugesi kodwa umphakathini kumele kube yiwo obika izenzo zobugebengu emaphoyiseni,” kusho uSabelo.
Uthembise umphakathi ukuthi uzolusukumela udaba lokunqamuka kukagesi. Uthe usexhumene noMasipala weTheku ukuze kufakwe enye ikhebuli.
Amanye amalungu omphakathi abegxeka ikhansela, uMnuz Thembelihle Makhanya, ngokungasukumeli phezulu uma umphakathi unezikhalo. Amanye abethi ayaqala nokumbona ethi akayibizi imihlangano yomphakakathi. UMakhanya uthe ukwebiwa kwamakhebuli kuyishwa ngoba alukho uhlahlomali olubekwa eceleni olulinde ukuthi uma kwebiwa ingqalasizinda.