AMALUNGU omphakathi waseZimangweni, eNanda avale umgwaqo ebhikishela indle egqitshwa emagcekeni uma kuhlanzwa amathoyilethi omgodi.
Lokhu kulandela ukuqala kohlelo lokuhlanzwa kwamathoyilethi okuthiwa lusanda kuqala nokukhona abanganeme ngalo. Amalungu omphakathi abedinwe egane unwabu avale umgwaqo ashisa amathayi ngoba ethi kufanele lumiswe lolu hlelo.
Elinye lamalungu omphakathi elingathandanga ngegama lalo lithe kufike abantu bezohlanza amathoyilethi emasontweni adlule kodwa uma bewahlanza bebefike bagqebhule izitini ngemuva kwethoyilethi bese bekhipha indle bayithele emgodini ombiwe egcekeni bese bemboza. Lithe phambilini bekufike kukhishwe indle ifakwe amabhakedeni bese ithuthwa ngezimoto zakhona bese iyolahlwa lapho elahlwa khona kodwa manje batshelwe ukuthi ayikho imali yokwenza lolu hlelo.
“Kweminye imizi bafike bayikhiphe indle bayimbele umgodi bese beshiya kanjalo bengavalile lapho abagqebhule khona. Nalapho abagqibe khona kwezinye izindawo kuyamfimfa. Sikhathazekile ngokuthi uma sekufika izimvula kuzokwenzekani,” kusho ilungu lomphakathi.
UNkk Makati Nzumo oyilungu lomphakathi uthe yena unqabile ukuthi bahlanze ithoyilethi ngalolu hlelo ngoba esebone okwenziwe kweminye imizi. Abanye bakhale ngokuthi lokhu kwenziwa bengekho emakhaya.
AMALUNGU omphakathi waseZimangweni ashise amathayi ekhala ngohlelo lokuhlanzwa kwamathoyilethi Isithombe: BONGANI MBATHA/African News Agency (ANA)
UNksz Sibongile Thango oyilungu lekomiti lomphakathi uthe bazwile ngezikhalo zomphakathi futhi bakubonile lokhu okhala ngakho.
“Siyile sayobona ezindlini zabantu sabona lokhu okubakhalisayo ngokuhlanzwa kwamathoyilethi. Amanye amathoyilethi ashiywe enezikhala, evalwe ngomata, amanye asevaliwe ngoba sikhalazile,” kusho uNksz Thango.
Uthe okukhathazayo ukuthi kube nomhlangano ngoLwesine emasontweni amabili adlule lapho umphakathi ucelile ukuthi lolu hlelo lumiswe kwangathi lokhu kuzokwenzeka kodwa bamangala uma seluphinde luqhubeka ngale ndlela.
Ikhansela, uMnuz Njabulo Mabanga lithe liyazi ngalolu hlelo futhi nomphakathi wawubikelwe ngalo wavumelana nokuthi lwenziwe ngaphambi kokuthi luqale.
Lithe labo abathi abavumelani nalo kwavunyelwana ngokuthi ngeke lwenziwe emizini yabo. UMabanga uthe akekho oseke waletha isikhalo kuyena, ubone ngombhikisho nje.