INYUNYANA yabasebenzi iPublic Servants Association (PSA), ithukile ngesinqumo sikahulumeni sokunyusela amalungu ePhalamende umholo ngo-2.8% ekubeni ephakamisa ukunyusela abasebenzi bakahulumeni ngo-1.5%.
Inyunyana ithe amalungu ePhalamende ahola ngaphezulu kukaR1 million ngonyaka ngakho asikho isidingo sokuthi anganyuselwa kangaka imali ekubeni abasebenzi behola amakinati.
“Abasebenzi bakahulumeni baseqhulwini empini yokulwa neCovid-19 kodwa ababhekelelwa. Abakwazi ukuphila ngeholo elincane njengoba uhulumeni emile ekutheni ufuna ukubanyusela imali ngo-1.5%,” kusho isitatimende sale nyunyana.
Sithe abasebenzi bahulumeni batshelwa ukuthi ayikho imali ngakho kumele bamukele u-1.5%.
Kwenzeka lokhu nje, izingxoxo phakathi kwezinyunyana zabasebenzi bakahulumeni noMnyango weziSebenzi zikaHulumeni nezokuPhatha zafinyelela kwangqingetshe kanti izinyunyana zimatasa zixhumana namalungu azo ngesiphakamiso esibekwe etafuleni wuhulumeni nokumele zikwenze njengoba kungavunyelwana.
Ngeledlule, ephendula imibuzo yezintatheli emuva kokuvela ePhalamende uMengameli Cyril Ramaphosa, wathi adonsa kanzima amalungu ePhalamende njengoba ezonyuselwa umholo ngo-2.8%.
URamaphosa wathi kudingeka lawa malungu abe nemizi emibili, eKapa naseTshwane.
Wathi ngeke bakwazi ukuvala eminye yemihlomulo amalungu ePhalamende ayitholayo ngoba adonsa kanzima.
Wabalula ukuthi ayikho imali etheni anyuselwe ngayo ekubeni enemizi emibili, kudingeka athenge izinto ngambili ngoba futhi ehlala ezindaweni ezehlukene.