THOKOZANI NDLOVU noMBALI KHANYILE
BASALE bedidekile abantu baseNingizimu Afrika kusabalala imibiko yokushona kwenkakha yomlingisi uPatrick Shai, okusolwa ukuthi uzibulele.
Izindaba zokushona kwakhe ziqale ukuvela ekuseni namuhla. Imiyalezo ilokhu ingene njalo ngokushona kwalo mlingisi, abantu bebaza ngokulahlekelwa yile nkakha.
Okhulumela umndeni kaShai u-Amogelang Mmusi ukuqinisekisile ukushona kwalo mlingisi.
“ Okwamanje akukho esingakudalula njengoba kuyinto esanda kwenzeka. Sizothumela isitatimende uma konke sekuhlelekile,” kusho u-Amogelang
Omunye wabebesondelene noPatrick Shai, uSandile Thegeneral Mdluli uthe uphuke umoya ngokushona kwalo mlingisi. Wathi akazi kungani ethathe lesi sinqumo asithathile njengoba bebesebenzisana naye begqugquzela abanye besilisa ngokuziphatha.
UXolani Nkosi uthe ukhwantalala lunzima, ungamgxeki umuntu othatha isinqumo sokuzibulala ngoba usuke ungazi ukuthi yini abhekene nayo.