NONTUTHUKO NGUBANE
UTHUKA izanya umphakathi wase-Haddingsdale eMgungundlovu emuva kokuba kubulawe abantu ababili, nokuyisigameko esilandela esinye okwabulawa kuso abashadile kuyo le ndawo.
Laba babulawe ngoMsombuluko emzini wezithandani zakwaDlamini, ezadutshulwa zisemotweni yazo ngoMashi 30 nonyaka.
Kulesi sigameko sakamuva kudutshulwe ababili ngoyaba lwezinhlamvu, okunguMnuz Msomi odume ngelikaNomndayi, nomunye wesilisa oyisihlobo sakwaDlamini.
UMsomi kuthiwa ubematasa esebenza ngesikhathi kugasela abasolwa, bangabuza lutho bachela ngenhlamvu.
UMsomi ubengumbhishobhi ebandleni okukhonza kulo abakwaDlamini, futhi enebhizinisi lokushisela izinsimbi abeliqhubela emzini wakwaDlamini.
Ayaziwa imbangela yokubulawa kwabo.
Lokhu kuthiwa sekwenze umphakathi wakule ndawo waba novalo.
Umthombo weSolezwe ocele ukungadalulwa ngenxa yobucayi balolu daba, uthe amalungu omphakathi ayathuthumela.
“Wonke umuntu ohlala khona uyesaba ngoba akwaziwa ukuthi kungani bebulawe laba ababili. Babulawa nje kusanda kubulawa abanikazi bomuzi. Bekugcwele amaphoyisa kodwa nje uvalo lukhona,” kusho umthombo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe kuphenywa amacala amabili okubulala.
“Amaphoyisa aseMountain Rise aphenya amacala okubulawa kwabesilisa ababili abadutshulwe emzini wakwaDlamini. Ayaziwa imbangela yokubulawa kwabo, uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka,” kusho uCol. Mbele.
Omunye umthombo ongafunanga ukuphumela obala, uthe yize wonke umuntu esebumnyameni ngokubulawa kwalaba abane kodwa izinsolo ziyaqina zokuthi ukuhlaselwa kwabo kungenzeka ukuthi kumayelana namathenda.
UMsomi kuvele ukuthi bekunemisebenzi yamathenda abeyenza.
Isolezwe lithole ukuthi kuleya ndawo kutshalwe amaphoyisa alokhu ezulazula, aqaphe isimo.
Imizamo yeSolezwe yokuthola imindeni yababulewe ayizange iphumelele izolo kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.