INDODANA yenduna ebulewe ngokudutshulwa uMnuz Mhlengi Msweli
Image: SITHUNYELWE
ASECELA ukuba kungenelelwe osizini abhekene nalo amalungu omphakathi wasoDidini, eMbumbulu athi ahlezi lubhojozi kubulawa abantu ubusuku nemini kuphinde kuhlinzwe nemfuyo.
Isigameko sakamuva okuyisona esithuse umphakathi kakhulu, ngesokubulawa ngesihluku kukaMnuz Mhlengi Msweli (23) oyindodana yenduna.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ukuthi umufi udutshulwe washona engaphandle kwakubo kade ephuma esitolo.
Udadewabo kamufi uNksz Nombuyiselo Msweli, uthe bafe olwembiza ngokubulawa kukamfowabo omncane kungakapheli ngisho isikhathi esingakanani kudutshulwe kwabulawa uyise.
Uthe umufi ufike wapaka imoto ngaphandle kwakubo wase evula isango.
''Kuthe eselivulile isango sekumele afake imoto ngaphakathi, baqhamuka lapho bamshaya bamlimaza ngesibhamu. Indlela alimale kabi ngayo, kuyabonakala nje ukuthi laba ngabantu ebebemhlosile nje vele,'' usho kanje.
Uthe badukuza ebumnyameni ngokuthi ngobani ngempela laba abanabo shaqa.
''Asisazi manje ukuthi sithini kubani ngoba kuyacaca ukuthi kukhona laba bantu ababhekene nathi nje lapha ekhaya,''usho kanje.
Ukhale kakhulu ngokuthi akukho ukuthula kule ndawo, ubusuku nemini kukhala isibhamu. ''Konakele kule ndawo. Okubuhlungu kakhulu wukuthi sesigadle kwaze kwaba kabili emzini owodwa, egcekeni elilodwa,''usho kanje.
Umufi udutshulwa nje akukapheli ngisho unyaka uyise owayekade eyinduna kule ndawo, uMnuz Sphiwe Msweli, ahlaselwa ngamadoda angaziwa ambulala engaphandle kwesitolo sakhe.
UNksz Msweli uthe ngesikhathi kubulawa uyise, kwakunamahemuhemu ayethi umphakathi umcasukele ngodaba lokwebiwa kwemfuyo. Kodwa manje uthe bayabona ukuthi akunjalo yinto nje lena eseceleni.
Elinye ilingu lomphakathi likhale ezimathonsi ngendlela izinto ezenzeka ngayo kule ndawo.
''Sesiqala ukukhathazeka manje ngalesi simo esibonakala siqhubeka lapha oDidini. Hheyi baze baphela abantu bakule ndawo, lapho ubuholi bendawo buthule ungaze ufunge ukuthi busesontweni,'' kukhala ilungu lomphakathi.
Elinye ilungu lomphakathi liveze ukuthi omama bakule ndawo sebekhetha ukumane balale emahlathini ngoba sebelala obenyoni emakhaya.
''Omama ikakhulukazi labo okungekho abantu besilisa emakhaya abo, sebencamela ukulala emahlathini. Njalo ekuseni ubabona sebephuma nezingane zabo emahlathini. Angazi ke ukuthi bawabekezelela kanjani amakhaza,'' usho kanje.
Elinye ilungu lithe kuyacaca ukuthi kunempi ewumshoshaphansi.
Lithe okubuhlungu kule ndawo wukuthi kuhlinzwa abantu kuhlinzwe nezinkomo.
''Akugcini nje ngokuthi abantu banqunyiswe okwezilwane. Kukhona abathile abangena emizini yethu, bathathe imfuyo, siyithola seyihlinziwe maqede ishiywe kanjalo.''
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile isigameko.
Uthe amaphoyisa aseMbumbulu aphenya icala lokubulawa kowesilisa oneminyaka engu-23.
''Kusolakala ukuthi owesilisa udutshulwe wabulawa ngabantu abangaziwa,'' usho kanje.
Kwenzeka lesi sigameko nje ngesonto eledlule kudutshulwe kwabulawa abesilisa abane ebebezosika utshani komunye umuzi wakule ndawo.
Related Topics: