Izindaba

Bathuka izanya ibhungu (19) libulala owesifazane obengumashonisa

Nokubongwa Phenyane|Published

Ibhungu (19) libhekene nelokugebenga ibulale umashonisa KwaMaqumbi

Image: Morgan Morgan / DALL-E / DFA

SEKUQUBUKE ukwesaba esigodini KwaMaqumbi, KwaMaphumulo, ngemuva kokubulawa kowesifazane yibhungu lendawo elineminyaka engu-19, okuthiwe lithathe nemali ashonisa ngayo enguR2 500.

Lesi sigameko senzeke ngesonto eledlule kanti kuthiwa silandelwa ngesinye lapho kubanjwe khona izaguga zibuya kohola, kwathathwa imali yazo yempesheni zikhonjwe ngesibhamu.

UNkk Dumazile uMaBhengu Mhlongo (53), kuvela ukuthi utholwe eshonile ngoLwesine ekuseni, enamanxeba okugwazwa.

UNkk Mhlongo kuthiwa ubehlala nengane eneminyaka emithathu, etholwe ilele ingazi nokuthi lidumephi.

Ekhuluma neSolezwe omunye wabesifazane abazifikele endaweni yesigameko, ongeke avezwe, udalule ukuthi indodakazi kamufi ithume omunye umakhelwane ukuthi ayombhekela unina ngoba kade imshayela ucingo ingamtholi njengoba yona ihlala eThekwini.

“Uma echaza umama lona uthi wafike waya ngasewindini wangabona lutho ngoba ikhethini lalivaliwe. Waya ngasemnyango oyigilasi, okula aqale wabona khona ukuthi ufile ngesidumbu salona wesifazane elele phansi, kucaca ukuthi ushonile. Wahlaba umkhosi emphakathini,” kuchaza lona wesifazane.

Uveze ukuthi ngesikhathi sebefika omakhelwane, bangena endlini bathola ingane ilele, bayithatha bayiyisa komunye umuzi kwase kubikelwa indodakazi yalona wesifazane.

“Umfana obanjiwe utholwe ngoba bese kuphume umyalezo wokuthi akubhekwe umuntu olimele ngenxa yokuthi lona wesifazane kucacele noma ngubani ukuthi ubelwa. Umfana owakaZulu ubanjwe endaweni eyaziwa ngokuthi iKwaDanela. Bayabhema laba bafana naye uzivumele kwi-video ezungeza ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uthathe imali ngoba ngesikhathi kukhulunywa naye uvezile ukuthi uphuze isidakamizwa esaziwa ngencika,” kuchaza yena.

Lona wesifazane uthe ziyabathusa lezi zigameko njengoba seziqala ukujwayeleka endaweni futhi senziwa abafana abancane.

Isolezwe liyibonile i-video yomfana, ezivumela ukuthi umbulele lona wesifazane futhi akukho okubi abekuhlosile ukuthi ubefuna imali.

Uthe umgwaze lona wesifazane ngoba ebelwa efuna imali ayithola enguR2 500.

UConstable Thenjiwe Ngcobo, wamaphoyisa KwaZulu-Natal, usiqinisekisile lesi sigameko wathi kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-19, ngemuva kokubulala owesifazane ngokumgwaza.

Uthe lona wesilisa uvele eNkantolo yeMantshi yaKwaMaphumulo ngoMsombuluko.