Izindaba

Bathole isidumbu somfana becinga owesifazane odukile

Simphiwe Ngubane|Published

UQAPHELA Bili (15) waseDamet, eChatsworth, onyamalele Isithombe: SITHUNYELWE

BAZITHELE phezu kwesidumbu esesonakele ehlathini iMawelewele, eChatsworth, eThekwini, ngesikhathi bebheka ilungu lomndeni eliduke emasontweni amabili edlule.

Umndeni namalungu omphakathi akule ndawo bebekade bebheka uNksz Ntombenhle Zibuyile Ncobela (26) oduke ngo-Okthoba 16 kanti bazozithela phezu kwesidumbu ebese sonakele.

UNKSZ Ntombenhle Ncobela waseMawelewele, eChatsworth, osekunamasonto amabili edukile Isithombe: SITHUNYELWE

Laba bantu bathi badonswe yiphunga ebelingabekezeleleki, okuthe uma beyobheka lapho lisuka khona, bafica isidumbu somuntu osemncane sibheke phansi, sigqitshwe ngodoti, sacindezelwa ngetshe ekhanda.

Bakholwa wukuthi kungenzeka isidumbu esitholakele kube ngesomfundi uQaphela Siyanda Bili (15) waseDamet, khona eChatsworth, oduke ngosuku lokuvalwa kwezikole, ngoSepthemba 3. Akukaqinisekiswa ukuthi isidumbu ngesikabani.

Kuthiwa uQaphela wahamba kubo ebalekela uyise owayefuna ukumshaya ngoba wayekade emsola ngokuthi umntshontshele iphakethe likagwayi.

UQaphela ungumfundi kaGrade 9 esikoleni, iMargot Fonteyn Secondary, eKlaarwater.

UNksz Ncobela yena kubikwa ukuthi ugcinwe ukubonakala nebhungu lendawo elineminyaka engu-17 okuthiwa bebephuza nalo utshwala.

UMNUZ Johannes Gumede (ofake ikepisi elobomvu) echazela amalungu eCPF aseMawelewele ngokuduka kwendodana yakhe. Athathwe nabo amalungu eCPF kusuka kwesobunxele uMnuz Mubi Mgenge, Nksz Zodwa Nyandu kanye noMnuz Njabulo Ndlovu Isithombe: Bongani Mbatha

Leli bhungu kuthiwa libaleke ngempelasonto kubo, kalaziwa likuziphi izinkalo emuva kokuthi ikomiti lomphakathi liye kubo, liyohlwaya ulwazi.

UNksz Hlengiwe Cele oyisihlobo sikaNksz Ncobela, uthe sebekhalela okungenani ukuthola ithambo lakhe ukuze balingcwabe uma kuwukuthi wabulawa.

Uthe zitholakele ehlathini ngokwehlukana izimpahla nezicathulo okwakugqokwe wuNksz Ncobela kodwa yena abamtholi.

“Izimpahla zikaNtombenhle zitholakale nophaqa balo mfana agcina ukubonakala naye. Kwayiwa kubo eyobuzwa kodwa waqale waphika. Kuthe sekubuyelwa isibili kuyobuzisiswa, uyise wavuma ukuthi ophaqa ngabendodana yakhe kodwa yona ibisithuthile,” kusho uNksz Cele.

Abazali bakaQaphela, okungoMnuz Johannes Gumede noNksz Anna Bili, baye ngokwehlukana emakhazeni asePinetown, okugcinwe kuwo isidumbu, bayalelwa ukuba babuye nomseshi wecala okubikwa ukuthi uhlabe ikhefu emsebenzini.

UGumede ufikile izolo, eduze kwehlathi okutholakale khona isidumbu ebukeka ekhungathekile.

Ulandise wathi ubehlala naye uQaphela futhi uduke emuva kokuthi wayekade onile ekhaya.

Ilungu lekomiti elilwa nobugebengu emphakathini, uNksz Zodwa Nyanda, lithe buya ngokwanda ubugebengu kule ndawo, sebesaba nokuthuma izingane esitolo. Uthe izigameko zakamuva zivuse ingebhe ebantwini besifazane nasezinganeni.

Unxuse amaphoyisa ukuba aphithizele endaweni, aqaphe ubugebengu ngoba umphakathi nekomiti elilwa nobugebengu ngeke bakwazi ukubhekana nezigebengu bebodwa.

Kushaye isikhathi sokushicilela okhulumela amaphoyisa eKZN, uConstable Thenjiswa Ngcobo, engayiphendulanga imibuzo athunyelwe yona.