UMUFI uMnuz Siduduzo Magwaza owayengumlandeli kaNkk Zandile Gumede
Image: SITHUNYELWE
UTHOBEKE izinhliziyo umndeni womlandeli omkhulu kaNkk Zandile Gumede, owadutshulwa wabulawa esigamekweni esenzeka eCornubia ngo-2021.
Umufi washonela esibhedlela entathakusa ngemuva kokuba edutshulwe ngamadoda amabili angaziwa esemzini wakhe eCornubia ngoJanuwari 12, 2021. Ngemuva kwalesi sigameko bakhalelwa ngamasongo kaSigonyela oSphamandla Makhanya obengummangalelwa wokuqala noMxolisi Percy Hadebe, obengummangalelwa wesibili.
Laba bobabili basolwa ngokuba ngongqondongqondo ekuthungweni kwetulo lokubulawa kukaMagwaza. Kuzokhumbuleka ukuthi kwashiya abantu abaningi beshaqekile ukubulawa kukaMagwaza.
IJaji uSharmaine Balton liwisa isigwebo sikadilikajele kulaba ababili ngoMsombuluko, libasole ngokuthunga itulo lokubulala umufi. Likhale kakhulu ngezigameko zokubulawa kwabantu ngezibhamu elithe seziphenduke insakavukela ezingxenyeni ezahlukene zezwe.
UNksz Simangele Qwabe oyilungu lomdeni kamufi, uthe kubathobe amanxeba ukugwetshwa kwalaba yize kungeke kusalibuyisa ilungu lomndeni. Ukugwetshwa kwabo uthe kuzodala ukuthi umndeni udlule kulesi sigaba uqale esinye ngoba bese kuphele isikhathi eside ugqigqa ezinkantolo.
''Esikujabulelayo nje kakhulu wukuthi ekugcineni sibutholile ubulungiswa ngokubulawa kukamfowethu. Kubuhlungu khona ukuthi kwenzeka le nto kodwa kuyasiduduza futhi kakhulu ukuthi laba bathole udilikajele,'' usho kanje.
Kuphinde kwavela nokuthi abamangalelwa kunesikhathi lapho baya khona enyangeni ngezizathu ezahlukene. Phambilini enkantolo kwavela ukuthi ummangalelwa wokuqala waya enyangeni eyofuna “ukugezwa” ngoba ethi kusuke kwabulawa umuntu osondelene naye. Kuthiwa waya enyangeni efuna ukuthi imgqihise ngoba inkukhu yayiwusola umgqakazo ngokuthi kungenzeka kube khona abamcathamelayo.
Kwavela ukuthi yena lo mmangalelwa waya enyangeni efuna ukuthola usizo ukuze athole umsebenzi okuyinto atshela inkantolo ukuthi nebala yagcina yenzekile.
Kwake kwavela nokuthi ummangalelwa wesibili wayefuna ukuzuza amathenda kamufi futhi ezimisele ngokwenza noma yini ukuze lokhu kufezeke.
Related Topics: