INHLANGANO ebhekele izifo ezithelelanayo eNingizimu Afrika, iNational Institute of Communicable Diseases (NCID), ithi amaphaphu phansi ngegciwane elibizwa nge-coronavirus eselidlule nemiphefumulo yabantu eChina.
INCID ithe inazo izinhlelo zokuvikela abantu bakuleli uma kwenzeka i-coronavirus ifinyelela eNingizimu Afrika.
Ngokwemibiko ngempelasonto, lesi sifo sesidlule nabantu ababalelwa ku-56, kanti babalelwa ngaphezulu kuka-2000 asebenaso. Kunemibiko eveza ukuthi leli gciwane selidlulele emazweni ayisishiyagalolunye emhlabeni. UNksz Cheryl Cohen, weNCID ngeledlule uthe sezikhona izinhlelo zokumelana naleli gciwane uma kwenzeka lifika kuleli.
“Into ebalulekile ukuthi kube khona izinhlelo ezifanele zokuthi sikwazi ukuthola abathelelekile nendlela yokubahlola. Ziningi izinhlelo esesizenzile ukuzilungiselela,” usho kanje.
Uhulumeni waseChina njengamanje umatasa uzama ukuthola umsuka waleli gciwane eliqale ukugulisa abantu edolobheni laseWuhan eselivalwe thanqa njengoba kungasangeni futhi kungaphumi muntu kulo, namanye amadolobha angomakhelwane. I-World Health Organisation (WHO) ithe izimpawu zikhomba ukuthi i-coronavirus isuka esilwaneni.
I-WHO nayo yazise abantu emhlabeni ukuthi leli gciwane liyingozi kodwa okwamanje liseyingozi eseChina, engakakapakeli ezingeni lomhlaba. Kuvela ukuthi bangu-15 odokotela baseChina asebenaleli gciwane.
Ngaphandle kwempilo yabantu ezisengcupheni, i-coronavirus ingase ixokozelise isimo somnotho eChina nasemhlabeni. Izazi zomnotho sezizwakalise ukukhathazeka ngokuvalwa kohwebelwano nezokuthutha edolobheni laseWuhan, elinezakhamizi ezingaphezulu kuka-11 million, zithi lokhu kuzoba nomthelela omubi emnothweni waseChina, okungathikameza owomhlaba wonke.