BAKHUTHAZA ukuthi kube ngabazali abatshala uthando lolimi lwebele ezinganeni zabo abangani abasungule inhlangano ekhuthaza ukufunda isiZulu.
UNkk Xolile Zondi noNksz Nolwazi Zuma basungule inhlangano ebizwa ngeKwasukasukela esanda kwethula incwadi yokuqala yesiZulu. Ukushoda kwezincwadi zesiZulu ezitolo nasemitapweni yolwazi yikona okwenze izintokazi zazisungulela eyazo inhlangano.
“Besivele singabangani sisebenza ndawonye noNolwazi. Kuthe sekumele izingane zethu ziqale isikole sanquma ukuthi sizitholele nezincwadi zesiZulu. Kwasiphatha kabi ukuthola ukuthi azikho izincwadi zesiZulu ezanele ezitolo. Kwakungu-2013 sithola lokhu kodwa singakabi nalo uhlelo oluqondile lokulwa nale nkinga,” kusho uNkk Zondi.
Uthe ngonyaka odlule babone ukuthi inkinga yezincwadi ayixazululeki, bakhetha ukuzisungulela inhlangano. Konke bayazenzela kangangokuba akukho ngisho inkampani yabashicileli ebasizile. Baqale ngokukhipha incwadi eyodwa esihloko sithi Isifundo sikaDoobsy, efundisa izingane ukuthi zingalaleli abantu ezingabazi ngeziyalo.
“Kuyabiza kakhulu ukukhipha izincwadi yingakho siqale ngeyodwa ngoba siyazenzela konke. Sinababhali esisizana nabo, okumanje sihlela ukukhipha izincwadi ezintathu kulo nyaka. Sizoshicilela neBhayibheli lezingane ngoba sithole nokuthi alikho elesiZulu,” kusho uNkk Zondi.
Uthe ukuhlwanyela ulimi lwebele bakuqale ezinganeni zabo ngoba babonile ukuthi akukuhle ukungasazi isiZulu. UNkk Zondi uthe waqala ezikoleni zezinhlangano ezixubile, okuyikona okumenze wabona ukuthi akulungile izingane zingalwazi ulimi lwazo.
“Ngiganele eNkandla lapho kukhulunywa khona isiZulu ngempela. Angifuni ingane uma ivakashile ibe nenkinga, ilokhu ikhuluma isiNgisi. Kunzima kona ukufunzelela uthando lolimi lwebele ezinganeni zamanje kodwa kuyihlazo uma zingakwazi ukulukhuluma nokulubhala. IsiZulu siwumgogodla wesiko, uma ingane ingasazi nayo ayizazi,” kuchaza uNkk Zondi.
Uthe incwadi yabo izotholakala kwi-internet ekhasini labo kodwa kuningi abafuna ukukwenza. Bafisa ukuthi izincwadi zabo zifundwe ezikoleni zingene nasemitapweni yolwazi.
Izintokazi zikholelwa wukuthi uma izingane zifundiswa ngabazali ulimi lwebele, kulula ukuthi zifunde nezezinye izizwe.