ININGI labantu besifazane abasesigabeni sokuthola abantwana abanezinkinga zokukhulelwa, abanalo ulwazi lokuthi banenkinga.
Umbhali we-website yezempilo i-healthline echaza ngezifo eziholela ekutheni kube nzima ukuthola izingane, uNkk Stephanie Watson, kule website uthe u-26% wabantu besifazane abasesigabeni sokuthola izingane, unesifo esidalwa ukungasebenzi kwama-hormone esihlasela umgudu wenzalo iPolycystic Ovary Syndrome (PCOS).
Abesifazane abanalesi sifo uthe bajwayele ukuya ezinsukwini zabo isikhathi eside noma babe nezimpawu zokuthi bane-hormone yabesilisa eningi i-androgen.
Abanalesi sifo baba nenkinga yokuba noketshezi ezikhwameni ezigcina amaqanda okuholela ekuthini ngesinye isikhathi amaqanda abo angaphumi uma sekuyisikhathi sokuthi aphume.
UNkk Watson uthi akwaziwa ukuthi iPCOS idalwa yini kodwa abesifazane abanayo bajwayele ukuba nezimpawu zokopha kakhulu uma besezinsukwini zabo noma beqiwe yizinyanga bangayi esikhathini.
Kwesinye isikhathi bamila uboya emzimbeni kakhulukazi emalungeni omzimba afana nasebusweni okuvamise ukuthi kube yihwanqa, intshebe, uboya obusesifubeni nakwezinye izingxenye zomzimba.
UNkk Dalene Barton Schuster encwadini yakhe ekhuthaza ukuthi kusetshenziswe amakhambi emvelo uma kwelashwa lesi sifo iNatural Fertility Info uthe lesi sifo kuyenzeka sibe wufuzo uma kukhona oke waba naso emndenini.
Ngokolwazi alubhale kule ncwadi uthe kuyenzeka sidalwe ukudla okungafanele, ingcindezi nokuba nokhwantalala kwesinye isikhathi ukusetshenziswa kwemithi yokulawula ama-hormones isikhathi eside.
Okunye athe kuba nomthelela ekutheni abesifazane bangakhulelwa wukuvaleka kwamashubhu aziwa ngama-fellopian tubes.
Izinkinga zokungabatholi abantwana uthe ziyenzeka nakwabesilisa. Kubona uthe ukuhlolwa kokuqala kuvamise ukuthi kuveze ukuthi inkinga idalwa yini kanti abesifazane kudingeka bahlolwe izikhawu eziningi ngaphambi kokuthi kutholakale ukuthi yini inkinga.