BASONGA ngokuhlwitha uMasipala uBuhlebezwe kwi-ANC, abangenele ukhetho ngokuzimela kuma-ward ayisishiyagalolunye kwangu-14 angaphansi kwalo masipala.
Ngokhetho lohulumeni basemakhaya lwango-2016, i-ANC yazidlela amahlanga kulo masipala njengoba yawola ama-ward angu-12 kwathi amabili awela ngaphansi kwabazimele.Kulokhu, abangenele ngokuzimela bathembisa ukuthi azophendukaka amatafula njengoba benethemba lokuthi bazowahlwitha wonke ama-ward abangenele kuwo.
UMnuz Nicholas Mdunge ovele oyikhansela elizimele ku-ward 9, ekhuluma neSolezwe egameni labangenele ukhetho ngokuzimela kulo masipala, uthe bayasebenzisana nozakwabo ukuqinisekisa ukuthi bayawathatha wonke ama-ward abangenele kuwo.
“Uma kwenzeka sinqoba kuma-ward ethu, sizoqinisekisa ukuthi siyahlangana siphinde sinxenxe namanye amaqembu epolitiki amancane siqoke ozosiphathela umasipala. Akukho ukungabaza ukuthi umasipala sizowuthatha eqenjini elibusayo kulolu khetho,” kusho uMdunge.
UMdunge ngaphambi kokuthi angenele ukhetho ngokuzimela, ubeyikhansela le-ANC kule ward phakathi kuka-2011 no-2016, kanti uthe akazange aziqokele ukungenela ukhetho ngokuzimela kodwa amalungu omphakathi amcela ukuthi angenele.
“Ngo-2016 i-ANC yaphakamisa umuntu wayo owayengafunwa wumphakathi owawusangethembile ngomsebenzi. Kulapho umphakathi wangicela khona ukuthi ngingenele ngokuzimela, wangibuyisela ebukhanseleni ngevoti,” usho kanje.
Phakathi kwabanye abangenele ngokuzimela kulo masipala kubalwa, uMnuz Siphiwe Ndlovu ku-ward 5, Mnuz Conrad Mjwara ku-ward 14, Mnuz Ngubo (esingenalo igama lakhe) ku-ward13, Mnuz Shakes Mbona ku-ward 10, Mnuz Thuthukani Biyase ku-ward 2, Mnuz Siyanda Ngcemu ku-ward 10, Mnuz Sibusiso Nhlansi ku-ward 1. UMdunge uthe abakaxoxi kahle nongenele esobukhansela ngokuzimela ku-ward 4.
UMnuz Thabani Ngwira we-Independent Electoral Commission KwaZulu-Natal, uthe ukuthatha umasipala kuncika esibalweni esihlanganisiwe samakhansela amele amaqembu (PR) nawo asuke evoteliwe esigabeni sikamapala omncane nomasipala wesifunda, okugunyaza iqembu kuthi likwazi ukuqoka igama lozongena njengemeya.
Abangenele ngokuzimela kuMasipala uBuhlebezwe bathi bazosebenzisana namaqembu amancane ukuqinisekisa ukuthi umasipala bayawuthatha.