UGOGO wengane eshayiswe yiveni yamaphoyisa, uNkk Sibongile Mleshi, echazela Isolezwe ngesimo umzukulu wakhe amthole ekusona kulo mgwaqo. Isithombe: Motshwari Mofokeng/ANA UGOGO wengane eshayiswe yiveni yamaphoyisa, uNkk Sibongile Mleshi, echazela Isolezwe ngesimo umzukulu wakhe amthole ekusona kulo mgwaqo. Isithombe: Motshwari Mofokeng/ANA
UMNDENI wentombazane eneminyaka engu-9 nomphakathi waseLindelani, bakhala ngobudedengu bephoyisa okuthiwa belishayela iveni yomsebenzi elishayise intombazane esesimeni esibucayi esibhedlela.
U-Amahle Mngwengwe ulaliswe egunjini labagula kakhulu esibhedlela ulimele kanzima ekhanda emva kwesigameko sangeSonto ntambama. Izolo umphakathi wakule ndawo ushise amathayi ukhala ngokuthi kade wacela izinciphisajubane kulo mgwaqo (Xulu Avenue) “osubaqedile” abantu. Bakhala nangephoyisa ebelishayela iveni abafuna liboshwe.
U-Amahle kuthiwa ubephuma kuninalume ohlala kwenye indawo khona eLindelani ngesikhathi eshayiswa yiveni eseceleni komgwaqo. Ugogo wakhe, uNkk Sibongile Mleshi (64), uthe okubaphathe kabi wukuthola ukuthi iveni ibigijima ngokweqile.
“Sikhathazekile ngoba kungenzeka noma yini enganeni esibhedlela. Okusiphatha kabi wukuthi sitshelwe abazibonele ukuthi ingane ishayiseke iseceleni komgwaqo. Nephoyisa ebelishayela kuthiwa belinuka phu utshwala nokwenza sisole ukuthi belishayela lidakiwe,” kusho uNkk Mleshi ezikhalela. Unina wengane, uNksz Ntombenhle Mngwengwe, ufike Isolezwe lisakhuluma nomphakathi ephuma esibhedlela. Uvele wakhihla isililo ekhuluma ngesimo sengane yakhe. “Ingane iphume amazinyo, igazi liconsele ekhanda ayikhulumi,” kusho uNksz Mngwengwe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Colonel Thulani Zwane uthe amaphoyisa aseNtuzuma aphenya icala lokushayela budedengu. IPhini leNhloko yezokuXhumana kuMasipala weTheku, uMnuz Mandla Nsele, lithe: “Ukuze kufakwe izinciphisajubane kumele kuqale kuhlolwe ngokwemithetho kamasipala ukuthi kufanele yini zifakwe. Kubhekwa ukuthi umgwaqo ukuphi, izingozi nokunye.”
Uthe bazophenya ngalo mgwaqo babone ukuthi yini engenziwa.